Ukuphupha ugcoba izinzipho noma ugcoba omunye umuntu kungasho ukuthi kukhona abahleba ngawe. Uma kungomunye umuntu ekugcoba izinzipho kungasho ukuthi uzomuhleba ngenxa yomhawu.
Uma uphupha umuthi wokugcoba izinzipho uzisukela kungasho ukuthi lindela ukuthi kukhona izindaba ozozizwa ezishaqisayo kodwa ziliqiniso.
Uma ungowesifazane uphupha ubona izinzipho zakho zigcotshiwe uzoba nokuzisola ngento embi owayisho ngomuntu oyisihlobo sakho ungamazi kahle.
Uma uphupha uzisusa umuthi wokugcoba izinzipho kungasho ukuthi uzokwazi ukuvezela abantu ukuthi amahlebezi abawazwile ngawe angamampunge, kanti uma ususwa ngomunye umuntu kungasho ukuthi ubumsulwa bakho buzovezwa ngomunye umuntu.
Uma uphupha ugcoba izinzipho ngomuthi kungasho ukuthi uwumuntu onakekelayo, uthando olusha noma ubungani okanye izindaba ozozizwa ngokomkhakha okuwo. Kwesinye isikhathi kusho isidingo sokunaka uxazulule izinxabano zomndeni noma ushintshe ekukhombiseni ukungamethembi umlingani wakho wezothando.
Ukuphupha ubona umuthi wokugcoba izinzipho kungasho ukuthi indlela oziphethe ngayo ingakufaka enkingeni.
Ukuhunyushwa kwaleli phupho kuncike kakhulu nasemubaleni wesigcobo ukuthi unjani, obomvu ungasho ukubaluleka kokuthi ushintshe, omhlophe ungasho ukukhululeka kanti omnyama ungasho ukuba matasa empilweni.