Uma uphupha ukuthi udla olamula kuwuphawu lokungajabuli uma ushadile kodwa yinhlanhla uma ungashadile.
Ukuphupha ulamula ovuthiwe, ophuzi kungasho ukuthi udlula esikhathini esinzima, unokukhathazeka futhi ukubona kunzima ukufezekisa izifiso zakho.
Ukuphupha udla ulamula kungasho ukuthi lindela ukuthola izindaba ezinhle, kungenzeka uthole uxhaso lwezezimali.
Uma uphupha uthela futhi unika isiphuzo sikalamula komunye umuntu kungasho ukuthi kunobutha phakathi kwenu.
Uma uphupha unika abanye abantu amalamula kungasho ukuthi kukhona abakusola ngakho okungekuhle kahle.
Uma owesifazane oshadile ephupha ulamula oluhlaza kungasho ukufika kobuhle empilweni yakhe, uma ephupha umyeni wakhe emnika ulamula lokhu kungasho ukuthi usephokophelele esigabeni esisha esizojabulisa. Uma ephupha izihlahla zamalamula kungasho ukuthi uwumuntu ophanayo nothandayo ukusiza abanye abantu. Uma uphupha ukha ulamula kungabika izikhathi ezijabulisayo okungaba ukubusiswa ngomntwana.
Kusho ukuthini ukuphupha isihlahla sinama olintshi
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngezithelo
Ukuphupha izwi lithi thola isihlahla esithize(isigqiki somkhovu),sikwivazi ecwebezelayo sisihle siluhlaza.Kuchaza ukuthini?