Ukuphupha ubhema ugwayi kuwuphawu olubi olungakwexwayisa ngesimo sengozi ezayo empilweni yakho ngenxa yobudedengu bakho.
Ukuphupha ubhema ugwayi kungasho ukuthi kunesiqalekiso, ubuthakathi noma inkinga enkulu ongayazi wena nongayinakile engase ithikameze ikusasa lakho esikhathini esizayo.
Ukuphupha ubhema ugwayi wamakhala kungasho ukuthi wembethwe ngabantu abadala futhi ungahamba uthwase ekuhambeni kwesikhathi.
Uma uphupha unikwa ugwayi wamakhala kungasho ukuthi mele uwuthenge futhi uwusebenzise. Ungaphahla, ugqume noma ugeze ngawo.
Uma uphupha ugwayi wamakhala usemanzini kungasho ukuthi kumele ugeze ngawo.
Uma uphupha ubona ugwayi wamakhala kungasho ukuthi wembethwe izalukazi ezaziwukhonzile.
Uma uphupha ubhema insangu, i-loose noma imboza kungasho inhlupheko kanti uma ubhema obizayo kungasho ukuthi uzobusa.