Ukuphupha uphupha uphuma ubisi emabeleni luphuma kakhulu kuwuphawu oluhle, lungasho ukuthi uzoceba nokuthi ungumuntu ozinikele ekusizeni abanye abantu.
Uma uphupha ubisi luphuma emabeleni uncelisa ingane kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi uwumuntu onothando nomusa, nokwazi ukupha omunye umuntu, kodwa uma leli phupho libuya kaningi kuwena kungasho ukuthu kumele ukhuleke ngoba kungenzeka ukuthi uncelisa isilwane.
Ukuphupha uncelisa ingane ubisi oluphuma luluhle nawe uzizwa ululangazelela kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi unentshisekelo nokulambeka izwi lukaNkulunkulu.
Uma uphupha ubisi lwebele lungaphumi noma wehluleka ukuncelisa, wuphawu olubi olungasho ukweswela noma ukuntula izinsiza okungaholela ekutheni ugcine usuzisiza wena wedwa.
Uma uphupha ubisi lwebele luluningi futhi luphuphuma kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi abantwana bakho ngeke baswele lutho, bayoceba futhi baphumelele kanti kwesinye isikhathi leli phupho lingasho izibusiso ezivela kuNkulunkulu.
Uma uphupha uncela wena ubisi lwebele kungasho ukuthi unezinsiza ezanele nezidingakalayo ukuze uphile, kanti kwesinye isikhathi kungasho ukuthi wethembele kuNkulunkulu.
Uma uphupha ubisi lwebele uyekisa ingane isancela kuwuphawu olubi olungasho ukuncishana nokugodla usizo kwabantulayo.
Uma uphupha uphupha ukhama ubisi lwebele luphuma kungasho ukuthi kukhona ozobusiswa ngomntwana noma osekulungele ukuba nengane kanti uma luphuma lungakhawuli lungasho ukuthi uzoba ngaphansi kwengcindezi okungaba ukulahlekelwa imali.
Uma owesifazane oshadile ephupha ubisi lwebele luphuma kakhulu kungasho ukuthi ukhulisa izingane zakhe ngendlela efanele nokukwazi ukuzinakekela.
Ukuphuma kobisi lwebele kowesifazane ohlukanisile kungasho injabulo nempumelelo ezayo empilweni yakhe futhi kungasho ukuthi uzoba nendlela entsha yokuziphilisa nokwenza imali, futhi abe nokuthula nokwelapheka emphefumulweni.
Uma uphupha ubisi lwebele luphuphuma kungasho ukunqoba izinselele obhekene nazo empilweni nokuphumelela.
Uma owesifazane ephupha ephuma ubisi oluningi kodwa ekhala kungasho ukuthi kuzoba nezinguquko ezimbi ezizophazamisa inhlalakahle yakhe.