Uma uphupha ubona izivemvane kusho ukuthi uzokhaphelwa othile omethembayo.
Ukuphupha uvemvane ulubona lundiza kungasho inhlanhla nokwaneliseka empilweni yakho.
Ukuphupha uvemvane olumhlophe kungasho ukuthi uzobusiseka maduzane empilweni yakho noma uvakashelwe yizingelosi.
Ukuphupha uvemvane olumbalabala kungasho ukuthi kukhona ozodela isikhathi sakhe ukuze ajabulise wena.
Ukuphupha ubona uvemvane kungasho ukuthi kunezindaba ezizokuthokozisa ozozithola.
Ukuphupha uvemvane kungasho ukuthi uzothola umlingani ozokuthanda ngeqiniso nokuthi ubudlelwane bakho nosondelene nabo buzoba buhle bube nokuthula nothando.
Ukuphupha uvemvane kungasho ithemba, impumelelo kanye nenqubekela phambili.
Ukuphupha izimvemvane zindiza ndawonye kungasho ukuthi kunokwethembana nothando phakathi kwakho nomlingani wakho.
Uma uphupha uvemvane luhlala kuwe kungasho ukuthi izingelosi zikulethele ithemba nothando nokuthi uzothola ukwesekwa ngamaphupho onawo ngempilo.
Uma uphupha uvemvane luhlala ekhanda lakho kungasho ukwatshelwa ubuhlakani bokunqoba izimo ozobhekana nazo.
Ukuphupha uvemvane lundiza lusuka kuwe kungasho ukuthi kukhona ubudlelwane okubona buzophela, okungaba obezothando noma ubungani, kwesinye isikhathi kungasho ukuthi amaphupho akho angeke afezeke.
Ukuphupha izimvevane ziningi zikuzungezile kungasho ukuthi abantu bazokuvikela ezintweni ezingazinhle ezingakulimaza enyameni nasemphefumulweni.
Uma uphupha uvemvane olumhlophe kungasho ukuthi uNkulunkulu uyizwile imithandazo yakho uzoyiphendula, wena kumele ube sesimweni esilungile ukwamukela izibusiso.
Uma uphupha ubulala uvemvane kungasho ukuthi uzobhekana nezinkinga ebudlelwaneni noma emshadweni wakho.
Uma uphupha uvemvane likuncweba uzwa ubuhlungu kungasho ukuthi umlingani wakho kozothando uzokuphoxa futhi akuziswe ubuhlungu.
Uma uphupha izimvevane zihleli ezimbalini kungasho uxolo, impumelelo nokukwazi ukuzigqugquzela ezimweni ondlula kuzo.
Ukuphupha izimvevane ezimbili kungasho ukuthi kumele wenze kube nokuthula niqede nokuhilizisana phakathi kwakho nosondelene nabo.
Ukuphupha izimvevane eziyimibalala kungasho ukuthi uzoba sebudlelwaneni bezothando noma uzobusiswa ngomshado.
Ukuphupha uvemvane oluphuzi kungasho ukuthi amaphupho akho azofezeka kodwa kumele ubheke abantu osondelane nabo bengakuphazamisa. Ukuphupha uvemvane olubomvu kungasho ingozi nezinkinga.
Thank you