Umlando wakwa Mathaba Clan Names

Abantu bakwaMathaba babuye bebizwe ngokuthi abaseMacambini bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni.
Sibathola bakhe ngasemfudlaneni iNyalazi beholwa nguMathaba uqobo.

Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMathaba ubukhosi bawela kwindlalifa yakhe uMcambi nokunguyena okwagcina kubizwe ngaye isizwe saseMacambini. Ngesikhathi sikaMacambi isizwe sakwaMathaba sasuka ngasemfuleni iNyalazi sagcina sizinze kwaMthethwa. Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa uNomagaga kaKhayi (inkosi uJobe) uyise woDingiswayo noThana.

Inkosana kaMacambi kwakunguNgwaqa owabekwa waba yinduna yenkosi uJobe kaKhayi, wahola ibutho elalaziwa ngokuthi ‘IJobe elimnyama’ nokwathi ekukhothameni kukaMacambi lelo butho laholwa nguZiyongo Mthethwa. UNgwaqa wazala uMayiba owaba yindlalifa yakhe, uMayiba wazala uLokothwayo. ULokothwayo wayephila ngesikhathi sikaJininindi kaNdaba omnyama.

Ngemuva kokunqotshwa kukaZulu nguMbuso kaKhwini uLokothwayo wabekwa ngaphansi kukaJohn Dunn kanye nesizwe saseMazimeleni, kwaNzuza, kwaZulu oBanjeni, kwaMkhwanazi nakwaDube. Lokhu kwenzeka ngoba amaNgisi ayethe yonke indawo ephakathi koMhlathuze noThukela yayizophathwa nguJohn Dunn (uMsheshelengwana ozishaya incwakana).

UJohn Dunn wedlula emhlabeni ngo-1895. Kuthe ukwedlula kwakhe indawo kaLokothwayo kaMayiba Mathaba yabuyela kumniniyo uLokothwayo kanye nalezo zamakhosi oZimema Mzimela, Magemegeme Dube, Ngogwana Mkhwanazi noNgwenya Nzuza.

Inkosi uLokothwayo yazala indlalifa uPhutha. Yena waqokwa njengenkosi yaseMacambini mhlaka 27 Disemba 1917. Inkosi uPhutha yayinemizi eyisithupha, eyisihlanu yayo okwakungekayise uLokothwayo.

Amagama emizi enkosi uPhutha

  1. ENhlakanhlakeni
  2. KwaKhishwa
  3. KwaMuzwazidluli
  4. KwaGabangokumuka
  5. KwaPhangizwe
  6. KwaMunt’engihlupha

Leave a Reply