Ukufihlela ekhaya

IsiZulu sakithi sisifunza umthamo othi awube mningi ngolwazi lwethu kanti ke nokhezo esikha ngalo kulembiza yethu yesintu sakithi nalo ithe xaxa ngoba phela umphako wethu ngezithinta isintu awubaleki nokwenani njengazo izinyawo zeshongololo impela. Sizwe sikaPhunga noMageba sithi ake siyiphule embizeni lenyama yomhlubulo enonile siyethele ezithebeni siyiphakele isizwe sethu, kuleli khasi ksithi ake silobe ngendaba yokufihlela ekhaya ukuthi ihamba kanjani, kuzokhumbuleka ukuthi ezongosini ezadlule sike nabana ngakho ukufihla ngezindlela zakho ezahlukene. Kepha asikhiphanga konke ngaphandle khona amanoni esawashiya embizeni.

Bakhona ke abake bazibuze ngesizathu sokuthi ngabe yini indaba kubuye kufihlelwe ekhaya sesisho ukungcwaba phela. Lokhu bakubuziswa ukuthi kukhona abangcwatshwa egcekeni bese kuba indaba yokufihla esondele nokufihlelwa komuntu esibayeni sezinkomo. Sike sasika kwelijikayo sithinta indaba yakwaGoqanyawo lapho besiveza ukuthi kuba umnumnzane ofihlwa egoqiwe imlenze ingakho kuze kuthiwe uma esefihlwa kuthiwa uyiswa kwaGoqanyawo. Kanti ke nayo le yasesibayeni eyakhe umnumnzane wekhaya. kuhle ke nokho sikubalule ukuthi lendaba yokufihla yehlukene nangazo izigodi abantu abahlala kuzo ngoba phela kwezinye izindawo kunezindawo ezifana nenkambi yamathuna la okufihlwa khona nje okungakhethekile ukuthi lomuntu ofihlwayo ngabe umuntu omdala osekhulile izaguga noma nggabe abasha nezingane ezincane. Kanti nakwezinye ke izindawo kukhona la okufihlelwa khona eduze nje kwasekhaya egcekeni bese kuba nesibaya ke okufihlelwa kuso ngokukhethekile.

Nansi ke indaba isizathu esenza ukuthi abe sizwe sikaPhunga noMageba sifihlile ebaleni bese usokhaya yena ngokukhethekile afihlelwe esibayeni sezinkomo ingoba lento umungo wayo usondelene nabadala amathongo phela. Lento ikanje, isizathu sokuthu usokhaya sesisho umnumnzane wekhaya afihlelwe phakathi naso isibaya sezinkomo la okuma khona nje insika yezinkomo yayenzelwa ukuthi amathongo asekhaya aqaphe umkhaya ezintweni eziningi eziyisinyama sobumnyama ezingabuletha ekhaya. Lana phela singabala ukukhunkula ngokomoya nangokwawo amakhathakhatha ewodwa nje. Kuzokhumbuleka phela ukuthi emandulo ngaphambi kokuba impepho ishiselwa emsamo endlini yangenhla yabadala yayikade ishiselwa khona esibayeni impepho ingakho ken je isibaya siyisizinda sabantu abadala futhi sihlonishwa ngalendlela esihlonishwa ngayo ngoba kuyaziwa ukujula kwaso.

Ngeke sigxeke abamhlophe ngakho konke okuhle okwenzeka esizweni sethu thina sizwe sikaZulu kodwa kuhle sihlale sihlale sikubalule siphinde sikuveze ukuthi cha izinkinga zethu zaqhamuka nabo ngokufika ikakhulukazi ekushintsheni amasiko ethu endlela esiphila ngayo, ukuzigqaja kwethu ngobuzwe bethu ngisho nendlela yokuziphethe njengoba sekuyikwa mhlambi uzelusile nje manje. Lokhu kubekwa ngoba nayo indlela yokufihla ishintshe kakhulu njengoba sekusetshenziswa amabhokisi okufihla kanti ke nakhu ukuthengwa kwezindawo nakho ukuphucwa kwabantu izindawo zabo ngenkani bephucwa abelungu kwasho ukuthi abanye bashiya amaliba asemakubo lokho okusho kuthi kwabe sekusala nezinsila zemizi yasemakubo isala lana abasuswe khona.

Leave a Reply