Nyandeni!
Mashobane!
Ophuza’manzi ngokuwabona, engawaboni akomi!
Gasela
Vumisa kaNgono,
Shobane owagaqa ngamadolo aze aphucuka.
Khukhuza kaNgonyama.
Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini,zaziphakelwa ndawonye.
Msongi wensimbi eyibeke ekhanda khon’ amagwal’ ezombalekela.
Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose,
Wena waseNdinaneni.
Izithakazelo zakwa Nyandeni Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Siyabonga ngosebenzi omuhle, ngicela umlando wakhwaNyandeni
Cofa lapha ukuthola impendulo: Izithakazelo zakwa Nyandeni Clan Names