Mngomezulu
Dlakadla
Zombizwe
Nkabanhle
Mkabayenkosi
Msuthu
Mdluli
Mfiso
Mfisongafi, ofa masekuthanda yena
Phambaphamba kaDududu
Songancome ngomzimba
Ombambo kazibalwa, kubalwa imikhonto yamadoda
Mfazi omabelemade ancelisa ingane,
Ngaphasheya komfula iNgwavuma
Manyelela nelanga nenkungu
Galela lubelo owadilika emkhiwaneni
Wathi angiwanga ngithe mbamba.