Izinhlobo zezinkomo

Njengazo zonke izilwane, izithelo kanye nezitshalo ezinemibala ehlukahlukene kanye namagama ahlukahlukene izinkomo nazo zinjalo. Izilwane zasekhaya kanye nezasendle zinemibala eyahlukahlukene kanye namagama ahlukahlukene okwenza kube lula ukuzehlukanisa ngoba  ezinye zime ngokufana futhi zinemizimba efanayo. Kulengosi siloba ngezinhlobo zezinkomo ngokwehlukahlukana kwazo ngokwesintu.

  • Ibhelu – inkomo ebizwa ngokuthi uSuthu, kanti igama layo elingumfakela  “i-Afrikander”.
  • Ubhonya – Lona ke akusiwona umbala kepha kusuke kushiwo inkomo engamithi , inkomo eyinyumba kataki.
  • Ibhonga – Lena inkomo eqeda ukuba iguqa esuke isiqala ukubhongisa okwendala.
  • Ugiqi – Lena inkomo esuke ihlatshelwa ukudayiswa okanye ukuthengisa inyama yakhona. Kanti futhi kusuke kuyinkomo ezodliwa, ibuye ibizwe ngokuthi uGinqi noma uNgiqi njengoba sazi ukuthi ukubizwa kwamanye amagama kuya ngokwehlukana kwezilimi zezigodi.
  • Iguqa – Inkonyane eselikhulile okusuke kufanele engabe elisanceli kunina walo. Kuyenzeka ke lithi noma selikhulile liphoqe ngenkani ukuncela kunina, nokuyilapho khona okusetshenziswa isifonyo ezinameva ngaphambili ukuthi livinjwe ukuqhubeka nokuncela. Isifonyo lesi sifakwa ngaphambili ekhaleni lalo iguqa ukwenzela ukuthi uma lithi lizama ukuncela livele lihlabe unina ibele agxume abe uqanduqandu lingabe lisakwazi ukuncela.
  • Ihinikazi – Lena inkomo esengwa kakhulu , inkomazi enobisi oluningi.
  • Ijongosi – Inkabi esakhula kanti elinye igama lalo iKhwangu/ikhwangi noma imboxo.
  • Ikwiyi – lenkomo ayinalo igama lesintu ngoba igama enalo lokuyichaza liwumfakela lithathelwa olwimini lwesiBhunu, ibizwa ngokuthi “i-Friesland”
  • Umalukazi – Inkomo endala kakhulu, kanti leli gama alikhethi bulili ngoba kuyaba inkabi endala noma kube inkomazi endala.
  • Ilunda – Ilunda ilenyama ephakathi kwezimpondo zenkomo kanye nomhlane wayo. Inkomo ebizwa ngelunda inkunzi esuke inelunda emhlane wayo.
  • Umswempe – Inkunzi endala esuke isigugile, kanti elinye igama layo  uMasheqe.
  • Emazinga – Inkomo endala esizale kakhulu kanti ngokujwayelekile ibonakala ngezimpondo zayo ezimazenga noma ezinemigqa ukuthi isizale kangaki esibayeni. Lokho okusho ukuthi uma ubala amalunga asezimpondweni zayo ungaphuma nesibalo esiqondile senani lezinkomo esizizalile.
  • Umhuqa – Umhuqa lona inkabi esikhulile futhi esabisayo ngenxa yobukhulu bomzimba wayo.
  • Umkume – Kukhona isisho sisiZulu esithi “Ziyayikhipha ezinye esibayeni” lesi sisho sisuke sikhuluma ngenkomo ebizwa ngokuthi uMkume, ezinye izinkomo ziyaye ziyikhipha inyumbazane.
  • Umqwansi – Inkomo yokuqala umuntu asuke ephemba noma eqala ngayo isibaya.
  • Impusela – Inkonyane esuke isiyekile ukuncela kodwa ayi ngokuthanda kwayo kepha ngenxa yesimo sokuthi yafelwa unina. Ijwayele ukunceliswa kwezinye izinkomazi esibayeni uma zikhona ezinamathole amancane eziwancelisayo okanye ithengelwe ubisi.
  • Umqhewu – Inkomo enezindlebe ezisikekile.
  • Umshwempe – Inkomo edle ngokunona kanti elinye igama layo uMvesho.
  • Umthantazana – Isithole esisesincane  esisuke sisiqala ukulandelwa amaduna.
  • Umthantikazi – Isithole esesikhule saqeda.
  • Umtshezi – Umhlambi wezinkomo ezimbalwa munye, obomvu.
  • Inkonyane – Inkomo esencane  ngokujwayelekile esuke isancela kunina.
  • Inkunzi – Iduna elingatheniwe leli okuyilona elikhwela izinkomo ezizalayo.
  • Inkunela – Inkomo esigugile, elinye igama eyaziwa ngalo uNomgedlemane.
  • Unondlini – Inkomo esengwa kakhulu.
  • Inqondodwane – Kushiwo ezinkomeni eseziqinile. Uma kungezezi nkomazi esezizale kaningi.
  • Inxahi – Inkabi ethenwe isindala.
  • Inyumba – Inkomo engazali
  • Imfambele – Lena inkomazi ezalayo kepha engakwazi ukuncelisa ngoba isuke ifelwe immbele yayo yokuncelisa. Isikhathi esiningi igcina ngokuhlatshwa uma kunomsebenzi noma kushintshiswe ngayo.
  • Isigqala – Inkomo ekhipha ubisi oluncane uma isengwa.
  • Ivukana – Inkunzi esencane esakhula.
  • Ithekwa – Inkunzi enobudana obungaka pheleli.

5 thoughts on “Izinhlobo zezinkomo”

  1. Ngiphuphe ngiqhuba umhlambi wezinkomo, ezimbili zazo ezibomvu zahluka kwezinye zahamba zodwa, kodwa lenye yesibili inkomo ebomvu bimithi yona yabalekela mfuleni, eyokuqala inkomo ebomvu ibihambela phambili angikwazanga kuyinqanda.

    Reply
  2. Hi ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ubona amankonyane ezinkomo amaningi edlelweni… Ngiyabonga.

    Reply

Leave a Reply