Ukuphupha unwabu kungasho izinto ezihlukile:
- Kuwuphawu oluhle olungasho ushintsho oluhle oluchaza nekhono lakho lokumelana nanoma yisiphi isimo empilweni.
- Ukulibona kungasho ukuthi usuke uzophoqeleka ukuthi ufunde ukuphila ngaphansi kwesimo ongasijwayele esizovela ungalindele.
- Kuwuphawu oluhle uma lumhlophe, lungasho inhlanhla, impumelelo nokuthi ungase uthole umusa nezindaba ezinhle.
- Kuwuphawu olubi uma uluphupha lushintshashintsha imibala. Kungasho ukuthi kunomuntu osondelene nawe kodwa ongumkhohlisi.
- Olumhlophe lushintshashintsha imibala kungasho ukuthi kunomuntu omethembile noma owumngani mbumbulu okwazi ukufihla uzungu akwakhela lona.
- Kuwuphawu oluhle uma lushintsha imibala, kungasho isibusiso nempumelelo ezayo.
- Ulubona luhamba kungasho ukubambezeleka kwempumelelo yakho kodwa uma uphikelela uzophumelela.
- Lunamathele noma lucaca kuwe kungasho ukuthi mele ukhuleke noma usukume uthole usizo ngoba usuke ugadlwa ngesichitho, kanti kwesinye isixckhathi kungasho ukuthi basuke bethwebula inhlanhla yakho.
- Luthukuthele kungasho ukuthi qaphela futhi uzame ukwenza ubulungiswa ngoba kungenzeka ukuthi ukwenzelela kwakho kukudalele ubutha nomuntu olungile futhi othatheleka phansi.
- Uma ungumzali uphupha ubona amaqanda onwabu kungasho isici ezinganeni zakho, futhi kungasho ukuthi zizokuhlaza, kungaba ngezenzo zazo.
- Kowesifazane ongashadile ukuphupha unwabu olukuhlaza kungasho ukuthi kuzoba khona okusha okuzomjabulisa yena kanye nomndeni wonke.
- Ulunakekela uma ungowesifazane oshadile kungasho ukuthi unempatho enhle nothando kubo bonke osondelene nabo.