Ukuphupha uthole umsebenzi wuphawu oluhle kakhulu, lungasho izinguquko ezizayo kuwe noma izibusiso nempumelelo ezayo enganamkhawulo.
Kwesinye isikhathi ukuphupha uthola umsebenzi kungasho ukuthi uzoba nenjabulo unethezeke esikhathini esizayo, kanti kungasho futhi ukuthi uNkulunkulu uzofezekisa amaphupho akho uphumelele ungazelele.
Ukuphupha uthole umsebenzi kuyasho futhi ukuthuthuka kokuzethemba empilweni.
Uma uphupha uthola umsebenzi wokuba yiphoyisa kungasho intshisekelo yokulwela nokuvikela abantu empilweni.
Ukuphupha unikezwa amaphepha omsebenzi kungasho inhlanhla ezayo.