Ukuphupha ufezela
- Uma uwubona ufezela kungaba wuphawu olukuxwayisa ngesitha noma umuntu okucindezelayo ongalungile.
- Uma ukuluma kungasho ukuthi qaphela ulengela engozini ngenxa yomuntu okugadla ngemithi emibi.
- Uma uhamba ezingubeni zakho zangaphansi kungasho ukuthi qaphela umlingani wakho uzokukhaphela.
- Usembhedeni wakho kungasho ukuthi uzoluthwa ngumuntu osondelene naye.
- Kungasho ukuthi uzobhekana nabantu ababi, abanobungozi abazokuvivinya futhi bakumise kabi empilweni.
- Ukuwubona ephuphweni kungasho ukuthi uzothola isijeziso esinzima futhi esizoba buhlungu, esizovela kumuntu ozokutshela iqiniso elingezukukuphatha kahle.
- Uma ukuluma kungasho ukubhekana ezinkinga nobunzima ngenxa yomuntu.
- Uma uwubulala uphawu oluhle olungasho ukuthi uzonqoba wehlule zonke izitha noma kungasho ukuthi uzokwazi ukuhlakaza izitha ezihlangene ngawe.
- Uma uwubulala kungasho ukuthi uzoba namandla okwehlula izigadlo eziyingozi noma imimoya emibi ekulandelayo.
- Uma usendlini kungasho ukuthi kukhona izinkinga kanye nokungezwani emndenini, futhi kungasho ukuthi uwumuntu onomona ongabacabangeli abanye abantu.
- Uma bebaningi endlini yakho kungasho ukuthi unomngani omubi okumele umqaphele ngoba unezinhloso ezingezinhle.
- Uma uphupha ufezela omnyama kungasho izitha ezihlela ukukulimaza, nokuthi usondelene nomuntu okukhohlisayo.
- Uma ungowesifazane oshadile kungasho ukuthi kukhona omunye umuntu wesifazane empilweni yomyeni wakho.
- Ungachaza ukuthi uphelelwe ukuzethemba, uzizwa ungelutho ngenxa yokuthi abantu osondelene nabo bakubukela phansi.