Amaphupho ngofezela

 Ukuphupha ufezela

  • Uma uwubona ufezela kungaba wuphawu olukuxwayisa ngesitha noma umuntu okucindezelayo ongalungile.
  • Uma ukuluma kungasho ukuthi qaphela ulengela engozini ngenxa yomuntu okugadla ngemithi emibi.
  • Uma uhamba ezingubeni zakho zangaphansi kungasho ukuthi qaphela umlingani wakho uzokukhaphela.
  • Usembhedeni wakho kungasho ukuthi uzoluthwa ngumuntu osondelene naye.
  • Kungasho ukuthi uzobhekana nabantu ababi, abanobungozi abazokuvivinya futhi bakumise kabi empilweni.
  • Ukuwubona ephuphweni kungasho ukuthi uzothola isijeziso esinzima futhi esizoba buhlungu, esizovela kumuntu ozokutshela iqiniso elingezukukuphatha kahle.
  • Uma ukuluma kungasho ukubhekana ezinkinga nobunzima ngenxa yomuntu.
  • Uma uwubulala uphawu oluhle olungasho ukuthi uzonqoba wehlule zonke izitha noma kungasho ukuthi uzokwazi ukuhlakaza izitha ezihlangene ngawe.
  • Uma uwubulala kungasho ukuthi uzoba namandla okwehlula izigadlo eziyingozi noma imimoya emibi ekulandelayo.
  •  Uma usendlini kungasho ukuthi kukhona izinkinga kanye nokungezwani emndenini, futhi kungasho ukuthi uwumuntu onomona ongabacabangeli abanye abantu.
  • Uma bebaningi endlini yakho kungasho ukuthi unomngani omubi okumele umqaphele ngoba unezinhloso ezingezinhle.
  • Uma uphupha ufezela omnyama kungasho izitha ezihlela ukukulimaza, nokuthi usondelene nomuntu okukhohlisayo.
  • Uma ungowesifazane oshadile kungasho ukuthi kukhona omunye umuntu wesifazane empilweni yomyeni wakho.
  • Ungachaza ukuthi uphelelwe ukuzethemba, uzizwa ungelutho ngenxa yokuthi abantu osondelene nabo bakubukela phansi.

Leave a Reply