Asho ukuthini amaphupho ngemisebenzi? Lokhu kuhlanganisa izinqibi, amasosha, abakhi, umbazi wamapulangwe, odokotela, abalimi, abahlengikazi, abapendi, abashayeli bamabhanoyi namatilosi.
Mngwengwe!Zitha,Nyamakayishi Isha ngababhebhezeli,Nina enehla ngomzungulu wasala wabola,Nyamande,Mhlambo.
Ngesi!Nondaba kaMagoba,Lawu,Ndenza,Lisela. Enye indlela youthakazela uNgesi Mpongose onekhala,Dinwa ukulilelwa,Xabanisa abantu belungisa,Usidumo saseNtsingizi emnyama,Usigwinya mkhonto wendoda nothi lwawo.
JikijelaMagubula amatsheSikhwehle esagijima ngonyawo olulodwa sashiya esigijima ngezinyawo ezimbili.
Mwandla!Ndubane,Mpangazitha,Nyoka eyakhala emini,Ndlubu eszimila emchameni wendoda ngokungemthetho,Nkwelo.
Khubisa!Nkomo!Ncube,Mkhayiphe,Fika,Mzazi,Mcebeyi,Ngwazi emabhudle,Mzilankatha,Malandela,Fika kaMngcongo,Nkonekazi,Khambule,Mlotshwa,Mkhiwane,Malandela ilanga liyoshona,Nina bakankomo zilala uwaca.
Mdakane!Langatshe,Mshiza,Gumbi,Wena kaMdukase,Wena bhoko elingahlabi ekhaya kodwa lihlaba emadodeni amnyama ngebala.Ndokose,Mlotshwa,Khathide.
Mbuyisa!Mlotshswa,Mageza ngobisi abafokazana begeza ngamanzi.Ntinini akabongwa, ubongwa ngezenzo.Mcusi,Manana,Mgudluli wena owagudlula izintaba.Xaba,Mqadi,Vezelihle,Sojezela,Soyiwa.
Nsele! Zwane, Mangethe,Ntshosho, Lindakamkhonto wena wasemangweni.
Hlongwane!Ngwane,Masumpa, MaNgwane kaMasupa obamelele ngengo mthakathi.Masenga sileka, Nduku Zinobulongwe, Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana, Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni. Sanga elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda.Nina bakaMatiwane.Abaqhobosha ithole elintanga…
Nyambose!Mthethwa!Dingiswayo!Donga dilika,Mathangana amahle afanele ukwenziwa.Masondo,Nina enalandela amasondo ezinyamazane.Nina eniphuza amanzi emichachazweni.