Ukuziphatha Ngokwesintu

Umuntu akafani nekhowe lona eliqhuma esidulwini, umuntu uma ezalwa kunendlela akhuliswa ngayo ehlangene nokuziphatha nenhlonipho, okuyinto ayincela ebeleni kunina futhi ewumthetho wasekhaya kubo. IsiZulu-ke sihle ngakho ukuthi wonke umuntu simbeka endaweni futhi nenhlonipho ayikhethi mabala njengotwayi. Omdala uhlonipha omncane, nomncane ngokunjalo, futhi lokhu akugcini nje ezintweni ezimayelana nezinto ezithinta abantu besilisa nabesifazane ekhaya.

Kithina bantu abansundu ngokwemfundiso nokuziphatha kunezinto ezingenziwa ngabantu besilisa kanye nezingenziwa ngabantu besifazane. Lezi zinto sifundiswa zona ebunganeni size sikhule nazo. Okunye akugcini nje kubantu besimame, njengemfundiso efundiswa umuntu wesimame uma ezogana, kepha nasezinsizweni zinomgomo ngendlela yokuphila nokuziphatha.

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Isebenzise le mininingwane ngokwazi ukuthi kungase kube khona ubungozi kuyo. Asikho isiqinisekiso sokuthi konke okukhona kule sizindalwazi kuqinisile nokuthi imiphumela yokusetshenziswa kwako iyoba njani. Imininingwane emayelana nemisebenzi yezimila, amakhambi, imithi nokunye ayihlosiwe ukuba yiseluleko sezempilo.

Ibhungu alihlali ekhweni

Asiqale ngazo izinsizwa-ke lezi ngoba phela inhlonipho ayikhethi iphela emasini kanti ayifani nomfula wona ohambela nganxanye uma uzihola. Emandulo kwakuyichilo elibi kabi ukuzwa ukuthi kukhona ibhungu eseliziganisile elihlala ekhweni lalo. Kwakugezwa izandla impela uma kuzwakala ukuthi kukhona insizwa ehlala ekhweni ngoba lokho kwakukhomba ukungazihloniphi futhi kudicilela isithunzi sakubo kwaleyo nsizwa phansi. Okwakuvumelekile wukuthi insizwa ivakashele ekhweni izinsukwana ezimbalwa bese ihamba besajabule abakhwa bayo ngokuthi ivakashile.

Indoda ayibupheki utshwala

Njengoba phela ukupheka kwakuyindawo yabesimame kanye nalo ixhiba lelo, indoda-ke yayingahlangani nhlobo nezimbiza zotshwala, ingabugayi nhlobo utshwala, igcina ngakho ukubuzwa ukuthi sebulungele ukuphuzwa yini ngemva kokuba sebugayiwe.

Umuntu wesilisa akangeni endlini okubelethwa kuyo

Umuntu wesilisa wayengadingeki nhlobo endlini uma kubeletha owesimame. Wayebizwa uma kunenkinga yokuthi lo obelethayo unenkinga yokubeletha mhlawumbe uma kufuneka ukuba kushiswe impepho emsamo kukhulunywe nabadala bathethiselwe imihlola abayenza ekhaya. Kwesinye isikhathi kwakuba wukuthi owesilisa kudingeka ashaye indlu yabo abadala phezulu uma kungahambi kahle kulowo obelethayo.

Abantu besilisa abagonqi

Ukuhlonipha akugcini ngalabo abaphilayo kuphela, isandla senhlonipho sihamba sifike nasekuhlonipheni abangasekho. Kuyaziwa ukuthi uma kushoniwe kuyagonqwa omama bahlale baqaphe isidumbu salowo ongasekho. Kuleso simo abantu besilisa bagcina ngokufika ngokuzobingelela kuleyo ndlu ehleli isidumbu, bona abagonqi nhlobo. Sisekuyo nje le ndaba yokugonqa, izinsizwa azilokothi zigonqe uma kugonqelwa umemulo ngale kwamacansi, kuba izintombi kuphela ezenza lokho.

Nalu uhlu lwezinto umakoti angazenzi

  • Umakoti kwakungavumelekile ukuthi adle amasi alapho aganele khona uma enganikiwe. Ukunikwa lokhu sizokuchaza kabanzi kwamanye amakhasi ethu lapho kuchazwa khona ngokuthi “Ukhezo”.
  • Umlobokazi wayengavunyelwe ukuthi athethe ebaleni noma ukuthi amemeze ngoba kwakumele ahloniphe abadala abangasekho bakulowomuzi aganele kuwo.
  • Umakoti wayengavunywe ukushaya ingane, wayengayithinti nhlobo ngoswazi uma yonile egcekeni, kepha ephumela nayo ngaphandle uma efuna ukuqondisa izigwegwe.
  • Umakoti wayengavunyelwe ngisho ukushaya noma ukukhahlela ingcanga (inja) egcekeni, engayilokothi nhlobo.
  • Ngokwesintu umakoti wayengahambi nhlobo egcekeni lubhojozi, kanti futhi engahambi ngekhanda ebaleni ngaphandle kokuthwala inhloko, umnqwazi noma iduku.
  • Umakoti wayengavunyelwe ukuthi ahlale endaweni yabesilisa endlini.
  • Umlobokazi akawamisi amanqosho. Kwkuba yihlazo elikhulu ukuthi umlobokazi anike usokhaya ukumaya eme ngezinyawo, lokho kwakungenziwa nhlobo.
  • Umakoti wayengayishisi impepho emsamo athethe nedlozi, noma izalukazi zona zaziyishisa impepho emsamo uma engekho umuntu wesilisa egcekeni. Kanti-ke futhi umakoti wayengalubhadi nhlobo esibayeni salapho aganele khona.

Amagama esiZulu asetshenziswa ukuhloniphisa inkulumo

La magama awakhethi bulili ukuthi wubani okumele awasebenzise enkulumweni yakhe, uma kubhungwa nje noma kudliwa ingevu ayasetshenziswa lapho kuhloniphiswa.

Amanzi – amadambi
Ukucasuka – ukudinwa noma ukunengeka
Ukuhlomula – ukuzuza noma ukuzidlela amahlanga
Igceke – ibala
Igwala – ivaka
Ikhala – impumulo
Indlela – inyathuko
Indlu – inkatheko
Intombazane – intshikizane
Indoda – injeza kumbe usokhaya
Inja – ingcanga
Isibhamu – izulu lezandla
Iso/ihlo – iqaphelo noma amaqaphelo
Ukuna kwemvula – ukunetha, kubuye kuthiwe futhi ‘liyayidliva’
Ukukhuluma kabi – ukushelela kolimi
Ukuphuza – ukunatha
Ubhozo – uqukulu
Ukudla – ukumaya
Ukuhlangana – ukunqwamana
Umbani – umphazimo
Umfana – umkhapheyana
Ukuvimba – ukunqanda
Uvalo – ingebhe noma ke itwetwe
Ilanga – itshida noma itshiliba
Umuntu – umenzo
Amafinyila – amakhovula
Imali – umehlokaboni noma ke inkece
Inyama – incoso
Intuthwane – inconcoshiyane
Ummese – umjeje
Intwala – incobane
Iphela – itotoyi
Ugqoko – isinyabelo noma isithebe
Ukuqeda – ukuphica
Isikigi – isiqabetho
Ukuchama – ukuthunda
Inhliziyo – intshefane
Umoya – umphukane
Imbuzi – inkuleko
Ubisi – indwamba, uchago kumbe intusi
Umlilo – umbaso/ umnanyiso
Okubili – okunkwici
Ibhece – ijodo, isinambithi
Inyanga – Intwasa
Umbala omnyama – umbala ompisholo
Indlala – inkemane
Amanzi –amadambi, amakwete kumbe amacubane
Izinkobe – izimpothulo
Umentshisi – Umqhwitho
Ukugaya – ukusila
Ubhontshisi – intombi yesigodi kumbe imbothawe
Iva –ibangulo ngoba phela kubangulwa ngalo
Ukufa – ukushona kumbe kuthiwe “intaka ilalelwe ngamazolo”
Inyongo – umthakathi
Ukuthakatha – ukukhunkula
Umkhuhlane – umnyimbane
Ukuhluma kwezinyo lengane – ukumila kwabathakathi
Imbiza – incaza
Izicukwane – umbhantshi
Ifa – inoboka
Inkukhu – ikhwibi
Impisi – incuge
Inkuma – inswaca
Umntwana – usana

Leave a Reply