Izithakazelo zakwa Hlongwane Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Hlongwane!Ngwane,Masumpa, MaNgwane kaMasupa obamelele ngengo mthakathi.Masenga sileka, Nduku Zinobulongwe, Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana, Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni. Sanga elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda.Nina bakaMatiwane.Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi, Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!

Izithakazelo zakwa Maphumulo Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Maphumulo!Zikode!Mgobode elifudumele likaZikode, Abahle basengoleleni.Dubandlela, Mashimane, Zukuzela, Masiyana, Cwalile, Zikode omuhle oncame ngashisayo abafokazana bencama ngabandayo, Nobamba, Dlakela, Ngongoma, Didiza, Ngoni, Ngcingci, Mganu, Madolo mabili angaba mathathu kuyozwakala. Ndokweni!Sontshenge, Sondamasi ngokwendela amadoda.Mgwazi wamaduna namathokazi.Amalala alala nomunywe avuka akhwifa. Nsinda ukhambancane umancishane oludliwa zinsizwa ezimbili uFifa noFobela, Omjwakujwaku amatshitshi ajingile kwaMagoso.

Izithakazelo zakwa Kubheka Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Khathide!Masobode! Ndolwane! Magonondo!Sombheshane!Wena owasobodela udlubu nokhasi. Mgwaqo awedluli esibayeni ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda. Mbokodo ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele. Boya obuningi obungangenyathi. Inkonjane endiza phezulu yawela umfula ugcwele.Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide. Makhunga owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila, Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga.

Izithakazelo zakwa Sithebe Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sithebe!Habile!Mkholwa!Ndlandla! Mlozi omuhle okhala ezintabeni abangwe yizingwe nezingonyama. Nkhwankhwa lebovu, siyibone ngani siyibone ngokuthiba tintuli. Sibotho sediye sakaNomtiba, Sithebe esimancancane. Mabizwa ingonyama ehlathini.Ndwandwe waseGudu, wena owaguduza izinkomo zamadoda. Nina boNjinji, Nkomo zabantu zidla nezomlungu omhlophe, uJantoni noBhostoli.

Izithakazelo zakwa Nhlapho Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sgegede!Nongombhili, ingabayinye weza nonima.Mabulala umuntu amhleke, athi, “ngibulele okukhahlambana”.Ndaba!Mlambo!Dub’ elimthende,Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana.Umathunzi amade okwensimi yelala.Umagotshwa egotshiwe kwabakwaMlambo.Wena kaMavundla,Mbhonani!UMwelase ngokuwela iMpofana noThukela.Mwelase ongaweli ngezibuko, owawela ngezihlengela zomfula.KwaNhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda.

Izithakazelo zakwa Nyandeni Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Nyandeni!Mashobane!Ophuza’manzi ngokuwabona, engawaboni akomi! GaselaVumisa kaNgono,Shobane owagaqa ngamadolo aze aphucuka.Khukhuza kaNgonyama.Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini,zaziphakelwa ndawonye.Msongi wensimbi eyibeke ekhanda khon’ amagwal’ ezombalekela.Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose,Wena waseNdinaneni.