Izithakazelo zakwa Mdima Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Shange!Dumakude!Mdima!Bhalaza,Maqonga,Nojobo,Phangandawo uSbambo kuyephuka njengeNgonyama,Dangaza, Mdunge njengesele,Dangabane elehlula abahlakuli,Omathanga abushelelezi angenangqwayimane, Ubhodla bakhothe umlomo abafokazane ,Yamela kaPhangandawo, Omancishana kancane abanye bencishana kakhulu,Sondlovu!Abageza ngensipho kaPondwe.

Izithakazelo zakwa Mnguni Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Qwabe,Gumede,Mnguni kaYeyeye,Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendabaAbathi “dluya kubeyethwe”,Kanti bahlinza imbuzi,Bathi “umlobokazi ubeyethe kayikhuni”,Sidika lolodaba,Phakathwayo!Wena kaMalandela,Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,MazalankosiMpangazitha! Enye indlela yokuthakazela abakwa Mnguni Khondlo, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo

Izibongo zika Mbhajela Amos Tembe

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Gquza nyovane,Ntombi ziyambalekelaUmkhiphen’ emzin’ emhkuluNgoba nithi isiphukuphuku.Mgqakumba wendlovu,Umsunduzu ‘muntu ngobolo,UNogadlabeza umuntu ngenduku,Umvivinyi owavivinyaIntombi kwaze kwayindaba,Egudwini nasekhaya,Waze wathi ngikuthole kahle.Ngoba bengingaziUkuthi ngizokuthola,Mshayi wensizwa,Igijime imuke kwaNgwenya,Iyobuya ngokuhluma kohlaza.UMagatsh’ amadeAdliwe zindlovuUmqomisa Ntombi,Yaze yavukwa ngamandikiUSikhubekisa mina,Ngoba ibhubesi,Nenyathi angikusabi,Ngaxoshana nazoIzindlovu zawela, zabuya kuNsalaniNgalidabula ngayeNgayofika eKilimani,Bangetha igama bathi,Ngingumlandela Ndlovu,Noma engayidli,Kodwa ethath’ amazinyoAwanike amaPutukezi.UNgqingqinini,Umfazi omuhle ngengqayi,USambula cansi,Kuvele umfazi.Umbamni wezindlovu eziyishumi nambili,Kodwa zithathwe … Read more