Izithakazelo zakwa Mahlangu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mahlangu, Mntungwa.Mahlangu ongayingwe sangolonyana,Mkhalanga.Mabhoko sindeni, umhlaba unethuli,Mhla unganathuli kumhla kuzakufiwa,KwaMabhoka akuvalwa ngebadi,Kuvalwa ngamakhanda amadoda.Nyabela ugijamphezeni kaMabhoko,Umlwa yedwa onganamlweli,Wadla uRoos, wadla noSenekal,Wasala usilwa noPiet Joubert.

Izithakazelo zakwa Makhaye Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Makhaye!Mdeke, Shombela, Mangcingcingci,Nyawokhulu ngokwesindwa zinyawo,Magema gema wendoda, Mathabathela izimbiza zikaNdaba, Ndaba kaThabisa masindwa izitho,IZulu eladumenkundleni lathatha umugwa lathatha umtholwa,Nina eningashaywa izulu, Zulu kaDeke, Nina bakaphacha phezu kotho,Nkungwana ezithe cwalala phezu kwentonga,Kwadlula ethwele kwadlula engathwele,Mavungula ngomkhonto abafokazana bevungula ngothi,Mthonjana kawushi,owehlula izingwe nezingonyama ziwuphuza kodwa ungashi,Mthonjana kawushi ngokwehlula izindlovu ziwuphuza kepha kungabonakali nokuthi zenzani.Mthonjana kawushi ngokwahlula izindlovu … Read more

Izithakazelo zakwa Sibanda Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Maqhoba! Umhlathi ongehlulwa lithambo. Vodloza,Sadla safohloza okuseleyo sanyathela ngezinyawo. Mahamba ekhangele phansi bethi unamanhloni kanti uyazigqaja. Isilo esibhonga kutshotshobal’ezinye. Unangunangu lamuhla kungayisuye. Isilwane esaswela amabala sayobika enkosi. Fuzwayo ofuza amadoda.

Izithakazelo zakwa Ndlela Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ndlela!Ndlela kaSompisi,Godide!Sothole, Gudukazi,Khuboni,Sompisi owaphemba ngamakhanda amadoda,Abanye bephemba ngomlilo.Nina base Lenge,Nina enabonakala ngefu lezintuli.Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.Mazimuzimu enidla abantu.Mgwabini wemikhonto,Umahlatshwa ebuhleni njengethole.Umagaju njengengwe.Inhlangu eyeqa iphindaphinda.Umanxeba angamanxuluma.Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.Mphemba!Langa elaphuma endlebeni yendlovu,Lophuma endlebeni yengwenya.Unonjiyelwa,Kulala uhlangothi lubomvu.Ugodo olumuka namankayiya.Mgwabini wemikhonto.