Kwasukesukela…
Kudala emandulo izilwane zisakhuluma kanye nabantu, kwakukhona unogwaja owawuhlakaniphile kunazo zonke izilwane zasehlathini. Unogwaja lona wawuzihlalela wodwa. Izilwane zehlathi zazinenkosi yazo enamandla, ibhubesi. Izilwane bezazi ukuthi ziphephile kubantu abazingelayo. Kwesinye isikhathi inkosi yezilwane yayehluleka ukunakekela izilwane uma kunesomiso ngoba ezinye zezilwane zazizifela.
Bahlanganake nonogwaja ngoba kwakwaziwa ukuthi iwona wodwa ohlakaniphile futhi onamacebo amahle, bezokhuluma ngalendaba yesomiso.
Unogwaja wabatshela ukuthi unekhono lokukhulumisana nabantu, bona bazokwakha izinto eziwubucwebe mase benika yena. Uzoshintsha ubucwebe kubantu, athole ukudla.
Nangampela kwavunyelwana bakha ubucwebe obuningi babunika unogwaja.
Unogwaja wahamba wayobushintsha wahlala yedwa ezintabeni edla imifino nezithelo kwaze kwaphela isomiso.
Cosu cosu yaphela.