Inganekwane yesiZulu: Imbila yeswela umsila ngokulayezela

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona isilwane ezingenayo imisila. Izilwane zazingenayo imisila zazingeneme nhlobo ngesimo sazo.zanquma ukmema umhlangano ngaphansi kwesihlahla esikhulu. Imbila yayingazi nokuthi lidumephi ngesikhathi izilwane zedlula zibheke emhlanganweni. “Sheshani ukuze sifike kuqala emhlanganweni,” kusho unogwaja egxuma edlula. “Ungakhathazeki, ngizokulandela” kuphendula imbila ngemva kokusho lokho yaqhubeka nokuthamela ilanga. “Awufuni yini ukuhamba uyohlanganyela kanye nathi emhlanganweni?” kubuza inkawu ilandela unogwaja.

“Ngiyakulalngela khona manje nkwawu,” kuphendula imbila ngemva kokusho lokho yaqhubeka nokuthamela ilanga. Isilwane sokugcina esedlula kwabe kuwumngani omkhulu wembila, ufudu. Zonke izilwane zazingakungabazi ukuthi uzomuzwa yena futhi engahle efike nayo. “Awuyi emhlanganweni mngani wami?” kubuza ufudu. “Ngicela ungibeletha mngani wami,” kuphendula imbila. “Udlala ngami ngathi ngisindwa umzimba nje ngingathwele lutho,” kusho ufudu. “Ngiyakucela mngani wami nginesicobecobe ngeke ngikwazi ukuzihambela,” kusho imbila incenga umgani wakhe.

“Umhlane uqinile futhi uyabanda,” kuchaza uFudu. “Akunkinga mngani wami, ngizobekezela uma nje ngifikile” kuphendula imbila.Ayipholisanga maseko yabeletha ngokushesha. Emhlanganweni, izilwane zazikhuluma ngemisila. “Ngibukeka ngimubi kodwa ngaphandle komsila,” kukhalaza impisi. “Uma ngizama ukujika lapho ngigijima, ngiwa phansi ngoba anginawo umsila,” kusho ingulule. “Ngidinga into engizohla phezu kwayo uma ngisesihlahleni,” kusho inkawu.

“Kumele sibheke phezulu sicele imana yemisila kuMdali,” kusho ibhubesi. Zonke izilwane zabheka phezulu esibhakabhakeni kuMdali. “Mdali, sicela usiphe imisila!” kucela, kuthandaza izilwane. Izwi elikhulu labhodla livela esibhakabhakeni. “Kusasa ekuseni, yehlelani emfuleni lapho nizothola khona imisila esihlahleni esikhulu.” Izilwane zabuyela ekhaya zizizwa zinethemba futhi zijabule. “Sengilangazelela kakhulu ukuthola umsila. Kusasa, masihambisane siyolanda imisila yethu,” kusho imbila ngesikhathi ufudu emshiyaekhaya lakhe. Njengoba ufudu ayazi ukuthi yena uhamba kancane, wavuka ekuseni kakhulu ngakusasa ekuseni. Kwakusemnyama ngesikhathi esuka ekhaya ezinye izilwane zisalele.

Kwathi uma eseqondeni nomzini wembibila wakhumbula ukuthi nayizolo nguye umsizile ukuze ehambe, wamemeza, “Woza siyolanda imisila yethu mngani wami.” “Lutho mnani wami, angeke ngiphinde indlela kabili, ngisaphethwe izidubulo zayizolo. Ngicela ungiphathele nami umsila, uzongishiyela wona usubuya,” kusho imbila emamatheka. Ngemva kokusho lokho yaqhubeka nokuthamela ilanga njenge nhlalayenza. Kwave kwamcoba ufudu ukuthi imbila ayisahambisani naye kodwa izolo ebeyithwele. “Ngizokubuyela nawo, engabe angeke ungisinde na,” Ufudu wavele wazitshela ukuthi ngeke akuthole ukuphumula uma emgambelethile umngani wakhe, kumele amphathele umsila.

Ekuseni ngovivi, akekho owayebuza omunye umkhuhlane. Izilwane  zishaye ujenge zaphikelela emfuleni. Zazishesha kakhulu zamedlula endelenu ufudu. Ufudu wayezibona efika  kuqala esihlahleni njengoba wayesemelwe ukuphatha imisila emibili, owakhe kanye nomgani wakhe. Zathi singaqhamuka izilwane emfuleni, zabona isihlahla sigcwele imisila. Kwakukhona imisila emifushane, emide, imisila emikhulu, eyondile kanye neyimfukumfuku yeziboya. Kwakukhona imisila emihle nemisila emibi.

Izilwane zaqala ukusondela esihlahleni. Kwakungu “walala wasala!” Kwakucacile ukuthi lowo oyofika kuqala uyozikhethela umsila ofanele yena.  Zzishiyana ngomshefezo inkosi impela. Inkawu yayegxuma  kuphela ijahe mbambili kwazise ukujwayele nokunonkela ezihlahleni. Izilwane zasondela zonke kodwa ufudu wayengabonwa nangokalo. Inkawu kwaba efika kuqala esihlahleni. Yafike yakhetha umsila omude nomuhle  kunayo yonke. Ezinye izilwane zakhetha imisila kuleyo eyayisele esihlahleni. Ingulube nofudu bafika ekugcineni, sezikhethe yonke imisila emihle nemide izilwane. Bafisa misila emibili kuphela. Owodwa wawumfishane ugoqene kanti omunye wawumncane ngisho kunesithupha. Ingulube yazikhethela ogoqene, ufudu wathatha omncane kakhulu.

Akekho noyedwa owacabanga ukuthi imbila nayo iyawudinga umsila. Ixoxo nexoxo kwakungumazigxumele. Imbila lapho eyayithamele khona isicelu kwakuseduze kwendlela. Yezibona izilwane ezingafilaphi sezibuya. Zazibonakala nje ukuthi zigcwele injabulo, zazitshikizisa imisila yazo emuhle. “Akaqhamuke phe umngani wami ufudu anginike owami umsila name ngiwutshikizise,” imbila ikhuluma yodwa. Imbila yathi ingabona ufudu yathi, “Ungiphathele umsila wami?” “Ngifike ngemuva kwendaba sekusele lesi siquphunga somsila osibona kimi nje kuphela,” ufudu, ephendula umnani wakhe. “Ohhe! Ukuba ngiziyele ngayeka ukuthumela wena fudu ndini,” kusho imbila, ukuzisola nokujabha kwakubhalwe ubusweni. Yasaka kanjalo ke imbila ingenamsila kodwa ezinye izilwane zinayo.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Comment