Umlando wakwa Mvelase Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Engosini yokuqala sikuvezile ukuthi uMthembu noMvelase badla sitshesinye, kulelikhasi ke khona sigxila endlini encane okungeyakwa Mvelase. AbakwaMvelase batholakala ngobuningi enhla nesifunda sakwaZulu lapho sisho eMnambithi kanye nako Msinga. Umuntu okhunjulwa kakhulu ekubuseni kwabakwa Mvelase eMnambithi uNgoza, yena owayebusa ngesikhathi kubusa iSilo iLemb’ eleq’ amanye amalembe ngokukhalipha, iSilo uShaka kaSenzangakhona. UNgoza UNgoza ke kwakuyinkunzi ebhonga yodwa … Read more

Umlando wakwa Mthembu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma silandela umlando wabantu bakwaMthembu sithola ukuthi bahlukene kabili. Kukhona laba abasebenzisa isibongo sakwaMthembu ngokuqondile nje, bese kuba khona abasebenzisa lesi sakwa Mvelase, kodwa bobabili bayigazi elilodwa ngokomlando. Umehluko nje ukuthi kukhona indlu encane okungu Mvelase bese enkulu kuba uMthembu. Ngokomlando sithola ukuthi uMthembu uzalwa nguNtongakazi okuwukuthi basondelene namaNtungwa. Abantu bakwaMthembu bangaphansi kwesizwe samaNguni, okuyiqoqo … Read more

Inyosi yesizwe nezimbongi 

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Izihasho Izithakazelo kanye nezihasho kuyahlukana. Izithakazelo ezomuntu nje ubuyena nesibongo sakhe. Azithinti yena yedwa kepha zithinta nomndeni wakhe uqobo, okungumlando wasekhaya. Bese kuthi izihasho zobunsizwa zona ezokukhula komuntu kanye nje nobunsizwa bakhe. Uma insizwa ishaye ijongosi lesibongo esithile ekade isigobile izinsizwa ziyeshela inqaba nocu lwayo. Kujwayelekile ukuthi izibongo zaleyonsizwa kungene kuzona ukuthi ithole intombi yakwabani … Read more

Izithakazelo zakwa Zimu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ncube!Khambule,Malandela ilanga,Mzilankatha onsundu nangezinyawo.Okhonza agoduke abuyele ekhaya.Ayokwakha umuzi omkhulu.Madlazitha,Nina bakwamtheli, umamtheli ulele ngaphandle komuzi.Uhlubulile akagqoki ngubo uhlekwa yizingwe nezingonyama azimhleki ziyamkhalela ngoba ziyizinyamazane.