Upata ummbila noma amabele agqunywa amasonto amane kuya kwayisithupha. Uma amabele noma ummbila usuqumbile, sekuphele isikhathi obekelwe ukuqhunya sona, uyakhishwa ugaywe ube impuphu kwenziwe iphalishi. Lelo phalishi libizwa ngokuthi upata noma isancobe. Kufakwa ushukela ukuze linambitheke.
Izithako
- Ummbila/Amabele
- Amanzi
- Ushukela
Indlela yokwenza
Uma ufuna ukupheka upata elwehla esiphundu landela lendlela engezansi. Izitsha kanye nebhodwe olisebenzisayo qinisekisa ukuthi kuhlanzekile ngaso sonke isikhathi, ukwenza njalo uzopheka ukudla okunempilo futhi okungenawo amagciwane.
- Uqotha amabele noma umbila etsheni use ocuyisakale ube iphuphu emanzana njengoma usuke ususokeme.
- Ukuze kuphume upata ongenamagenqele, sefa umpuphu yakho ngemuva kokugaya.
- Bilisa amanzi, uma esebila faka inhlama, ungayigoqozeli eceleni ngamanzi abandayo.
- Govuza kuze kube upata wakho uyahlangana.
- Ungawushubisa uma uzodliwa ngokhezo (isipunu) noma uwenze ube manzi uma uzophuzwa.
- Uma sekubile imizuzu engu-30 yeogula uphakele ezitsheni.
Lesi sidlo simnandi kakhulu uma sesipholile, imvamisa sidliwa ekuseni.