Ukudla kwesintu okutshalwa engadini (Imifino)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kuningi isizwe sikaZulu esihluke ngakho kwezinye izizwe nezinhlanga. Akugcini nje ngamasiko, indlela yokugqoka ngokuvunula, umculo kumbe indlela isizwe sikaZulu esicikoza ngayo ngolimi; kodwa lesisizwe siphinde sizidlele amahlanga nangendlela esidla ngayo ukudla kwaso kwesintu. Phela abaziyo bathi ukudla kwesintu kwehla esiphundu impela, ungeke ukunike esingaboni.

Kuleli khasi ke sithi ake sisike kwelijikayo sihlobe ngokumaya (ukudla) kwesintu obekudliwa kakhulu emandulo. Noma kusadliwa namanje ukudla okwakudliwa emandulo, kodwa ke ngokushintsha kwezinto akusafani. Abamhlophe bafika nokumaya kwabo, isizwe sikaZulu sakufunda sase sikusebenzisa njengokwaso. Kanjalo nabamhlophe bafikela ekudleni kwesizwe sikaZulu, babukela kwabakwenzayo, nabo bacosha abakucoshayo bakusebenzisa. Ake siqale ke ngohlu lokudla kwesintu.

  • Amadade ngamazambane esiZulu aphekwa namakhasi, kuya ngomuntu owaphekayo noma azodliwa ewodwa noma azodliwa exutshwe nempuphu.
  • Ibhece yisilimo okwenziwa ngaso ujeleza. Livutshelwa ngempuphu. Abanye balithanda lifakwe ushukela.
  • Ihongo lenziwa ngokusengela ubisi emlazeni bese kuyaphuzwa. Umlaza ngamanzi aphuma obisini oseluvuthiwe akwazi ukucwengeka bese kusala amasi nezaqheqhe zuphela.
  • Imbumba okujwayeleke ngayo wukuthi uma isangoma sibhula sishaya eceleni kuthiwe “Sidl’ imbumba”, engingenalo ke ulwazi lokuthi kusuka kuphi lokho. Lapha sibhunga ngokuthi yenziwa kanjani imbumba uma umuntu efuna ukuyimaya. Kuphekwa izindumba noma ubhontshisi noma izindlubu bese kuthelwa impuphu kuhlanganiswe kahle nobhontshisi lowo ophekiwe, bese kubalokhu kugovuzwa kancane kancane kuze kuvuthwe. Imbumba le ibuye ibizwe ngesigwaqana.
  • Imbuya wuhlobo oluthile lwemfino ngokuvamile emila ngenzansi kwesibaya. Lemfino iyakhiwa, igezwe inhlabathi ukuze ingalumeli, bese iphekwa iba yisishebo. Iconsis’ amathe ke uma izodliwa nophuthu noma nojeqe.
  • Imifino iyizinhlobo eziningi, ngokwesibonelo; kukhona imbuya, kubekhona imifino kaqadolo, kubekhona futhi nemifino yezintanga. Lemifino enhlobonhlobo yonke inambitheka ngezindlela ezingafani. Uma kuphekwa imifino kukhiwa amaqabunga akhona, ikakhulukazi kulemifino ebizwa ngokuthi ngekaqadolo. Lawomaqabunga abe esephekwa kube yisishebo. Imifino imnandi impela inqobo nje uma iphekwe kahle.
  • Izindlubu zisabhontshisi, ziphekwa zodwa zinandiswe ngeswayi kuphela.
  • Ubudibi wukumaya okuphekwa kubondwe kepha akuthakwa nalutho. Kufana namadumbe asuke ephekiwe ngoba nawo adliwa enjalo engathakwanga, kungafani nethanga noma nebhece khona okudinga ukuhlanganiswa nempuphu lapho kuphekwa.
  • Udonca isitshalo sesiZulu esikhula sibe side. Lesisitshalo siyavunwa sibhulwe njengommbila osuke uzohululwa. Ngemuva kwalokho udonca luyagaywa lunongwe nomcaba wona okhunywayo uma umaywa.
  • Uhlelenjwayo lona lwenziwa ngokuthi kugxotshwe imfe le etshalwa emasini. Imfe iyadleka noma iyodwa ngoba inoshukelana kanti ke ayidingi nakuphekwa.
  • Umbhantshi wona uthakwa ngamavovo ahluzwayo bese ecwiliswa emanzini izinsuku ezimbalwa. Bese kugaywa umcako uhlanganiswe namasica. Esikhathini samanje kusetshenziswa nophuthu olufakwa ebhakedeni bese kufakwa namasi ngoba phela ngendlela omuncu ngayo umcaku kunzima ukuwudla ungenashukela, kuhlehla izigqiya impela.
  • Umbhunqwa wona ulungiselelwa ngokuthi kuqothwe imfino yezintanga, iphekwe bese idliwa nophuthu. Umuntu ke udla eshay’ esentwala impela ehlise ngamahewu uma ekhona ekhaya.

Ukudla kwesintu kunendlela okuphekwa ngayo unga funda okuningi ohlwini lokudla kwesintu namaresiphi.

5 thoughts on “Ukudla kwesintu okutshalwa engadini (Imifino)”

Leave a Comment