Incumbe emandulo bekungukudla kwezingane. Incumbe iphalishi elidliwa izingane lifakwa ubisi noma amasi. Lesi sidlo senziwa ngokuqothwa (gaywa) kombila etsheni ngemuva kokuphekwa.
Izithako
- Umbila
- Ubisi noma amasi

Indlela yokwenza
Uma ufuna ukupheka incumbe enempilo futhi eyehla esiphundu landela lendlela engezansi. Izitsha kanye nebhodwe olisebenzisayo qinisekisa ukuthi kuhlanzekile ngaso sonke isikhathi, ukwenza njalo uzopheka ukudla okunempilo futhi okungenawo amagciwane.
- Ubilisa umbila uma usuthambile uwephule uphule.
- Ugaya umbila etsheni uwufake emanzini.
- Usefa amaphephelezi (maize skin) kusale inhlama emanzi.
- Uhlanganisa inhlama nobisi noma ngamasi ufunze umtwana.
Abanye omama incumbe bayayenza ube manzana baohe izingane ngedimu, ziyincele ebhodleleni isipholile.