Izithakazelo zakwa Zikhali Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zikhali, Ngwane kaNgwadi, Masumpamasenga, Silekanduku zinobulongwe, Nina besizwe sikaMatiwane, USozisela kaMasumpa noTshaninina bebutho likaSangweni Uzikhali ezingalingani nezamaxhegwana Sangw’ elibanzi elingawelwa ngabantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda, Luwelwa Izinkonjane ngoba zona zihambela phezulu!