Amaphupho ngokucenta igceke

Ukuphupha ucenta igceke kungasho ukuthi sukuma ukhiphe izinto ezingalungile ezingcolise umndeni, ikhaya okanye wena uzihlanze. Ukuphupha ucenta igceke kungasho ukuthi kusamele ulungise impilo yakho ibengcono. Kwesinye isikhathi ukuphupha ucenta igceke kungasho ukuthi usuke uzothatha isinqumo sokuzinakeleka, ukuqhelelana nabantu abangalungile empilweni. Uma uphupha abantu bekucentisa igceke kungasho ukuthi usondelene nabantu abalungile abakwaziyo ukukusiza futhi abakufisela okuhle.

Ukuhlonishwa kwegceke/kwebala

Ekhasini lokuqala sindlelele ngendaba yokuhlonishwa kwesibaya nokuthi akugcini nje ebantwini kuphela, kepha isandla senhlonipho sedlulela ngisho ezilwaneni kanye nasekhaya uqobo. Kulelikhasi ke siyenaba ngokuhlonishwa kwegceke. Ukuchithwa kwamanzi Umuzi uyahlonishwa, amanzi awasakazwa nhlobo egcekeni phambi kwezindlu njengoba lokhu kuthiwa kumema izulu egcekeni uma liduma, kepha achithwa ngemuva kwezindlu noma othangweni nakhona awasakwa nhlobo kodwa ngesineke nangesinono … Read more