Sesha

Amaphupho ngezindawo ezingcolile

Uma uphupha ukuthi usebenza nomanyolo engadini wuphawu oluhle ngoba maduzane uzoba yisigwili. Uma uphupha ukuthi usendaweni lapho okulahlwa khona izibi kufanele uqaphele imiphumela yezenzo zakho. Izindlela zakho ezingcolile zingakudalela inkinga maduzane. iAfrika

Amaphupho ngokungcola nokuhlanzeka

Uma uphupha ukuthi ungcolile, kuwuphawu lwesikhathi esinzima ekusaseni lakho. Kusho kakhulu ukuthi kungenzeka ube namahloni ngenxa yento oyenzayo. Uma ungcolile ngoba omunye umuntu ekujikijela ngezinto, kusho ukuthi uzokwenza izitha, ngakho qaphela izinto ozitshela abantu. Kodwa uma ungcole ngoba uwile phansi, kusho ukuthi uzokhuthuzwa noma ulahlekelwe yimali maduzane. iAfrika

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.