Izibongo zeNkosi uCetshwayo
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Izibongo zeNkosi uCetshwayo
Uzulu laduma obala,
Lapho kungemunga kungemtholo.
UHlamvana bhula mlilo;
Ubaswe uMantshonga benoGqelemana.
Inzima lemnyama,
Engabubende bezingonyama,
Ibiqhutshwa uMseleni benoNgalaza…