Ukuya kwagoqanyawo
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Kuningi esikufundayo ngomlando wakithi okuhinta izinto eziningi ezahlukahlukene okubalwa kuzo amasiko, usikompilo, imikhokha nokunye njalonjalo ngoba sinomthamo wezinto thina sizwesika Phunga noMageba. Sekuyinsakavukela ukuzwa abantu uma bekhuluma ngesifo esehlele umuzi othile noma ukuba khona kwethunzi elimnyama esibongweni thizeni kube khona oya kwelamathongo uzwe bethi “usesishiyile ulibhekise kwagoqanyawo”. Alikho iphutha ngenkulumo enjalo kodwa ke akusiyona inkulumo … Read more