- Ngiphicaphica ngesambulela sentaba.
- Impendulo: Ikhowe.
- Ngiphicaphica ngenyoka ehamba ubusuku nemini, engaphumuli.
- Impendulo: Amanzi omfula noma umfula ogelezayo.
- Ngiphicaphica ngobuthongo bafuthi.
- Impendulo: Ukufa.
- Nginiphicaphica ngezimbambo zikasathane.
- Impendulo: indlela.
- Ngiphicaphica ngomphongolo ohlala njalo uvuzela phansi ongagcwali.
- Impendulo: Impophomo.
- Ngiphicaphica ngamabutho okuthi uma ebona inkosi yawo engagiyeli nxanye kodwa agiya abe inhlakanhlaka noma ngabe ebebumbene kangakanani.
- Impendulo: Utshani nezihlahla uma kukhona umoya.
- Ngiphicaphica ngendoda ebubula ikhiphe izinhlansi , bese ikhala izinyembezi.
- Impendulo: – Izulu eliduma, lishaye imibani bese liyana.
- Ngiphicaphica ngenkosi ethi iqhamuka abaqhoke izigqoko ezicwebezelayo bezikhumule.
- Impendulo: Ilanga kanye namazolo.
- Ngiphicaphica ngentaba othi uma uyikhalisa iphume amanzi.
- Impendulo: Ukufinya.
- Ngiphicaphica ngetshe lentaba.
- Impendulo: Umakaka.
Iziphicaphicwano ngemvelo
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso