Izithakazelo ziyigugu nendlela lokuzigqaja kulowo osuke ebizwa ngolibo lwamaqhawe akubo.
Ngisho kungathiwa umuntu usethukuthele wagana unwabu, uma uke wambiza ngesithakazelo samhlaba siye siyithunge maphakathi inhliziyo uzibone izihlathi zivakashela izindlebe.
Zonke izizwe zabeNguni zinezibongo. Izibongo lezo
zihambisana nezithakazelo. Izithakazelo zehluka ngokuthi zona zihambisana nesibongo sabantu abanenkaba yozalo.
Izithakazelo lezi zisuselwa emagameni nasezibongweni zokhokho besibongo esithile. Uma umuntu ethakazela uyaye aqale kokhokho, kokunye athinte nomlando walowo esuka emthakazela.
Empeleni isithakazelo yigama likakhokho othile ohlotsheni lolo. Lokho kwenza ukuba isithakazelo sifane nesibongo. Phela isibongo naso igama lomuntu, kwesinye isikhathi isithakazelo noma isibongo siqhamuka ngesenzo esithizeni.
Sizwe Hlongwane
Reference: uzspace.uzulu.ac.za
Yini Izithakazelo?
Clan names
Gumbi
Gumede
Izibongo
Izihasho
Magwaza
Malinga
Manqele
Ncube
Ndwandwe
Nene
Ngwenya
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Phakathi
Qwabe
Shange
Shembe
Shezi
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!