Usiko lokusoka ngokwasentabeni
Ukusoka ngokwendlela yasentabeni kuyingxenye yosiko lwamaZulu, kodwa-ke lungenye yezindlela zesintu esezishabalale zacisha. Injongo yalolusiko akusikho kuphela ukususa ingxenye yesitho sangasese kumuntu wesilisa, kepha njengosiko lokuhlolwa kwezintombi, usiko lokusoka luyisikole lapho lowo osengena ekubeni indoda efundiswa khona ukuziphatha njengendoda, afundiswe indlela umuzi ophathwa ngayo, afundiswe inhlonipho kanye nokunye okubalulekile ekubeni ngowesilisa osekhulile.
Ukubuya entabeni kwalabo asebesokile
Lapho obeyosoka esebuya entabeni, ekhaya kubo bamenzelwa umcimbi wokumamukela. Kulowomcimbi kuchithwa igazi lesilwane okungaba ukuhlatshwa kwenkukhu, imbuzi noma inkomo imbala uma kulelokhaya benamandla okwenza kanjalo. Kulowomcimbi futhi kushiwa impepho kwenziwa notshwala besiZulu kubongwa emadlozini ngoba esegcine indodana yasekhaya yakhule yaze yaba yindoda.
Ukufa kosiko lokusoka ngokwasentabeni
Inkosi iLembe, uShaka kaSenzangakhona ngesikhathi esebenza ukwandisa umbuso wakhe nokuhlanganisa isizwe sabamnyama ukuba sikhonze inkosi eyodwa, wanquma ukukumisa ukuqhubeka kwalolusiko lokusoka ngokwasentabeni. ILembe lalenza lokho ukuze nxa amabutho eya empini kungabibikho osala ngemuva, futhi kwakukholelwa ekutheni uma umuntu wesilisa engakaziqedi izinsuku zakhe zokudoda ngokwentaba, wayeba buthaka okwakwenza afe kalula empini. Ngemuva kokukhothama kwenkosi iLembe alubange lusaqhubeka lolusiko ezindaweni eziningi.
Inkolo yamaNazaretha nosiko lokusoka
Ibandla lenkolo yamaNazaretha (inkolo yakwaShembe) njengesonto eliqhakambisa kakhulu ukudumisa uNkulunkulu ngendlela enokuhlobana nosiko lwamaZulu, lona lusaluqhuba lolusiko endaweni yaseBuhleni Village, entabeni engenhla kweNanda Dam, kwelakwaZulu-Natali.