Ukufa kufikela wonke umuntu, akukhethi futhi akufuni simemo ukuze kufike. Noma kuthusa ukudlula komuntu emhlabeni kepha uma sesize safika isifo akukho okungenziwa ngaphandle kokuthi kufihlwe loyo ongasekho. Indlela yokufihla ayifani, kuya ngemizi nezinkolelo zakuloyo muzi kanye nesiko labo njengo mndeni. Kuleli khasi sikhuluma ngendaba yokuthi umfelokazi ugezwa kanjani uma kade edlulelwe umkhwenyana wakhe. Indlela yokugezwa komuntu wesilisa uma engumfelwa ayifani nendlela okugezwa ngayo umfelokazi. Mhlambe ngaphambi nje kokuba senabe ngokuthi iyiphi indlela yesintu akagezwa ngayo umfelokazi kumele sichaze ukuthi umuntu onjani umfelokazi. Uma sikhuluma ngomfelokazi sikhuluma ngowesimame osagcagce ngokwesintu osekungumama wekhaya oshonelwa usokhaya wakwakhe okungumkhwenyana wakhe. Owesilisa noma umnumzane oshonelwe ngunkosikazi ubizwa ngokuthi umfelwa ngoba usuke efelwe owakwakhe.
Inzilo kamfelokazi
Uma unkosikazi ehanjelwe umyeni wakhe uqala ngokuzila, ukuzila lokhu kusho ukuthi kukhona izinto akazila kuzona okungumthetho ukuthi akumele azenze. Kahle kahle nje ukuzila kusho ukuthi usuke esemanzini amnyama ezilela owakwakhe. Wonke umuntu uyazila ekhaya uma kushoniwe, izingane nje zona ziphuca ikhanda bese zifaka indwangu emnyama entanyeni ekhombisa ukuthi kushoniwe ekhaya. Bese kuthi abadala bona bafaka isiqeshana sedwangu esisikiwe basifake empahleni abayigqokayo kuze kuphele izinyanga ezithile zokuzila. Unkosikazi ke yena ufaka izembatho ezimnyama okuba ingubo emnyama ephelele etshengisa ukuthi uhanjelwe umkhwenyana. Umuntu ozilile ke uyahlonishwa ngisho emphakathini ngoba kuyaziwa ukuthi usemanzini amnyama. Ngokujwayelekile ke unkosikazi uzila izinyanga ezintathu efake inzilo noma kwabanye kuba izinyanga ezingaphansi kwalokho, kwabanye kube izinyanga ezingaphezulu kwalokho – kuya ngomthetho womndeni. Inzila ke iyakhunyulwa kuwo wonke umuntu ekhaya egcekeni. Ngokujwayelekile kuba umsebenzi wembuzi uma kukhulunywa inzilo ekhaya lapho okuhlangana wonke umndeni ngokugqoka kwawo inzilo ikhunyulwe bese iyashiswa. Uma unkosikazi ezilile kufanele azihloniphe, lokhu kusho ukuthi kumele ahloniphe ngisho indlela akakhuluma ngayo nezenzo zakhe izinqotho.
Ukugezwa komfelokazi
Uma ke sekugezwa umfelokazi kwenziwa umsebenzi wenkomo, owokuqala wenziwa kubo la akazalwa khona behlabe inkomo bemkhumule inzilo. Kepha ngaphambi kokuthi kuhlatshwe inkomo kuqale kuhlatshwe imbuzi kukhulunywe nabadala kubikwe ukuthi kuzohlatshwa inkomo yokugezwa ubani egezelwa ukuthi ulahlekelwe umkhwenyana oganele kwabani oyindodakazi yabo. Nalapho akasuke eganele khona bayatshelwa ukuthi kuzogezwa umakoti wabo egezwa kubo, okusho ukuthi kumele abe ingxenye yawo loyomcimbi wokugezwa kwakhe.
Ngenkathi egezwa kubo umakoti uma eseya la akaganele khona kwakhe uhamba nomhlubulo owodwa wenkomo bese kuthi omunye usale kubo. Ukugeza kuya ngamandla omuntu, kepha ke uma isihlatshiwe imbuzi yokubika emsamo kuthathwa inyongo yayo ihlanganiswe nomswani khona ezogeza ngakho, bese kuthakwa kuhlanganiswe nomuthi azogeza ngawo okungamakhambi isiqungo kanye nonhlanhla omhlophe. Usuke egezelwa ukuthi angaphindwa ishwa leli elisuke limehlele lingamphindi kanye nokuvimba isinyama. Kuyakhulunywa nasemsamo kubo kwakhe umakoti kubikwe ukuthi njengoba elethiwe nje uzogezwa ugezelwa ukuthi walahlekelwa umkhwenyana. Kweminye imizi kugezwa ebusuku avuke ekuseni kusempondo zankomo kumnyama ayophalaza ngaphandle komuzi. Lento yenziwa ndawo zombili, kwakhe umakoti kanye nakubo komyeni wakhe.
Okwesibili unkosikazi ugezwa ngenkomo emzini la akaganele khona. Nakhona lana ugezwa emva kokuba sekuphele isikhathi esithile akhumula inzilo ayezilele ngayo umkhwenyana wakhe. Nakhona abadala balapho aganele khona, bahlaba imbuzi kuqala ngaphambi kokuthi kuhlatshwe inkomo yokugezwa kwakhe. Imbuzi lena ihlatshwa ngosuku ngaphambi kosuku umsebenzi obekelwe lona. Lokhu kusho ukuthi uma inkomo izodliwa ngeSonto, ngesabatha ntambama kuhlatshwa imbuzi kubikwe ukuthi kuzoba nomsebenzi wokugezwa kwamakoti wakulomuzi ogane ubani. Nomkhwenyana wakhe ubizwa ngegama lakhe noma engasekho atshelwe ukuthi kugezwa umkakhe njengoba amshiya nje sekufike lona usuku lokuthi agezwe ke. Ukugezwa lokhu kusho ukuthi usuke ekhishwa isinyama neshobolo lokulahlekelwa umkhwenyana wakhe. Ukugezwa akugcini ngonkosikazi osuke ehanjelwe umkhwenyana kuphela, kepha ngisho naye umfelwa uma kuyindoda ihanjelwe unkosikazi nayo iyagezwa ikhishwe isinyama ukuze singabe sisayehlela.
Good day, I’d like to enquire in how ukugezwa kwezingane kwenzwa njani if kushone umama wezingane
Sawubona, nalu ulwazi esinalo ngalokhu:
https://iafrika.org/ukugezwa-komuntu/