Abantu bakwaNdwandwe badabuka kwabakwaNgwane. ULanga ngukhokho wabo. Wasuka ezintabeni zoBombo wagudla umfula uPhongolo waze wafika eMagudu. Sebefikile kuleyo ndawo yaseMagudu abantu bakwaNdwandwe bakha bahlala bazinza. Kukuleyondawo lapho umholi walaba bantu bakwaNdwandwe ashonela khona.
Ngemuva kokushona kwakhe isizwe sakwaNdwandwe saholwa yindodana yakhe uZwide. Ngesikhathi sikaZwide isizwe sakwaNdwandwe sakhula sandlondlobala kakhulu, sagcwala indawo kusuka eMagudu kwehle njalo ngeMfolozi Emnyama.
Abantu bakwaNdwandwe banezithakazelo eziningi, bahlobene nabantu bakwaNgwane, Langa, Zwide nabakwaNxumalo. ULanga wazala uMavuso, owazala uLudonga, yena owazala uXaba, owazala uLanga wesibili, yena owazala uZwide, yena owazala uNomhlanjana, uShemane noSikhonyane.
I’m impressed to know the history of Ndwandwe…Bayede!Zwide Ka Langa