Umhlonyane (isigaba empilweni yentombazane)

Ingane yentombazane ibucayi, idinga ukuvikelwa nokuvikeleka futhi ziningi izindlela eqiniswa ngazo. Yikho lokhu okubangela ukuba intombazane ibe nemicimbi eminingana yokuyikhulisa uma kuqhathaniswa nengane yomfana. Umhlonyane wumsebenzi osingathwa ngunina wentombazane, owenzelwa ingane ukuyikhulisa. Ekwenzeni lomsebenzi unina wentombazane welekelelwa ngabanye omama okungabakhona lapho ekhaya kuhlanganise nomakhelwana.

Uyise wengane naye uyangena kuloludaba lomhlonyane yize noma yena kungeyena owengamela ngokuqondile ngqo, owakhe umsebenzi oqondana naye kuba ngumemulo. Emsebenzini womhlonyane uyise wengane usuke aziswa noma enikwa ithuba lokufaka isandla ngoba phela ngeke kwenziwe umsebenzi emzini wendoda yona ibe ingazi ngoba futhi nembuzi noma izimbuzi zomhlonyane ziphuma kuyena. Akusiyo impoqo ukuthi kusetshenziswe imbuzi lapho kwenziwa umhlonyane, uma ekhaya benamandla intombazane iyahlatshelwa ngisho inkomo, lokhu kwehluka ngokwezindawo kanye nezinkolelo zemindeni ngokwahlukahlukana.

Inhloso yomcimbi womhlonyane

Inhloso yomcimbi womhlonyane ukubikela amadlozi ukuze adlulisele kuMvelinqangi ukuthi ayigade intombazane ngoba nakhu isikhulile, sekuzoba khona nezinsizwa ezifuna ukuyiwisa endleleni yokuziphatha ngokwesimilo. Nokho-ke esikhathini sanamhlanje akusafani nakudala lapho intombazane yayenzelwa leli siko lapho ithomba, namuhla nasebathomba kudala bayenzelwa leli siko.

Igama lomcimbi womhlonyane

Igama lomcimbi womhlonyane lisukela egameni lesihlahla esibizwa ngomhlonyane esiyaye sisetshenziswa lapho intombazane ithombile, okuyisona okuyaye kuqotshwe umuthi waso bese usetshenziswa ukuze intombazane iphile kahle.

Umcimbi womhlonyane

Iyaqashelwa intombazane esihlosile. Kuthi ngalanga limbe ivuke yeqiwe umfula, igezile. Uma sekunjalo, iyaye-ke ivuke ishone emfuleni ohambayo iyogeza. Uma ibuya lapho ingena emgoqweni. Uyalungiselelwa umgoqo, ingakangeni emgoqweni ngelanga ethombe ngalo, uyise wengane uyabikelwa ukuthi ingane yakhe izongena emgoqweni, lapho ke ubaba wayo ube eseqonda ukuthi ingane isikhulile. Kuqoqwa amantombazane angontanga bayo ingane beze bazoyihlalisa emgoqweni. Esikhathini esiphambilini labo abayihlalisayo ingane emgoqweni bekuba yizingane zakhona kubo kwayo, kodwa namhlanje sekuyahlanganiswa kube khona nazo izingane zakomakhelwane ezingontanga bayo leyo ngane esemgoqweni. Ngesikhathi intombazane isemgoqweni iyalulekwa ngokuthi kumelwe iziphathe kanjani ukuze ibe ngumuntu wesifazane oqotho. Enye ingxenye yomcimbi womhlonyane kuba ukuthi intombazane iphelekezelwe ngontanga bayo bahambe becula becela izipho. Kuyaye futhi kusinwe, kushiswe impepho, intombazane ifakwe isiphandla sembuzi.

Omunye umcimbi oyisigaba empilweni yentombazane wumemulo. Usiko lokukhuliswa kwentombi.

Amadlozi Amakhaya Amalobolo Imbeleko Imicimbi Imicimbi yesintu Imishado Inyongo Izaga Izibongo Izigodi Izinkolelo zesintu Iziphandla Izisho Shembe Ubungoma Ukudla Ukudla kwesintu Ukugana Ukukhulelwa Ukulandwa Ukulobola Ukuthwasa uMabo uMembeso Umemulo Umendo Umhlonyane Umsamo Umshado

2 thoughts on “Umhlonyane (isigaba empilweni yentombazane)”

  1. Mina ngine sifiso sokwenzela abantwana bam ababili bama ntombazane umhlonyane kodwa inkinga akaze babikwe ekhaya … ngabe kuzomele ngenze mcibhi wokuba bika kuqala? Abantwana abazalelwe ekhaya komalune

    Reply

Leave a Reply