Ukuphupha ushaywa/ulwa

Ukuphupha uhlanya lukushaya noma lulwa nawe kungasho ukuthi abakini abadala bakuvakashele kodwa bakubonisa ukuthi kukhona okwenzayo okumele ukuyeke, bakulwisela ukuthi ushintshe izindlela zakho.

Ukuphupha ulwa noma ushaywa kuyiphupho elingelihle, lingasho ukuthi idlozi liniphendukele. Kungasho ukuthi kukhona abasebenze amathuna, ngakho amadlozi eza kini ngolaka. Lokho kungadinga ukuthi ithongo lihlanjululwe ngoba lisuke seliza ngobumnyama.

Ukuphupha ulwa nomuntu wakini owashona kungasho ukuthi kunesilwane egcekeni, noma kunomuntu wakomunye umuzi olandwe emathuneni wafakwa ekhaya kini. Lesi silwane siyakwazi ukuzenza umuntu wakini ephusheni.

Kwesinye isikhathi ukuphupha ulwa nomuntu wakini ekushaya kungadalwa ukuthi wenze into ethinta umsamu kanti ubangwa izidalo zakomalume nabakini.

Ukuphupha usempini kungasho ukuthi uzoba nokuhilizisana nabantu osondelene nabo, kanti ukuphupha leliphupho usuganile unomuzi kungasho ukuthi uzokwesela emdendweni wakho kuyoba nenhlupheko.

Ukuphupha ulwa kodwa unqoba kungasho ukuthi noma iyiphi inselele oyobhekana nayo uyokwazi ukuthi uyinqobe.  

Leave a Reply