Ukuphupha ubomvu

Ukuphupha uzikhama ubomvu kungasho ukuthi kumele usukume uzelaphe isichitho osuke ugadlwe ngaso. Kanti futhi kungasho ukuthi ithonga likwelapha ukugula obekungaphakathi kuwe.

Ukuphupha unobomvu kuwuphawu olubi, lungasho ukuthi uzohlaselwa ukugula, noma kukhona okugadla ngesichitho esibi.

Kwesinye isikhathi ukuphupha ukhama ubomvu kungasho ukuthi usuke uzokwazi ukuxazulula izinkinga esezikuhluphe isikhathi eside zikwenza ungayithokozeli impilo yakho. Kwesinye isikhathi kusho ukuthi noma ngabe yini ekuphethe kabi uzoyinqoba.

Ukuphupha ukhama umuntu ithumba kuphuma ubomvu kungasho ukuthi kunenkulumo engeyinhle noma ezokuphatha kabuhlungu azokutshela yona noma imfihlo ezovela.

Leave a Reply