Ukulethwa kwaMadlozi/ukulandwa kwabadala

Kuyinto ejwayelekile ukuthi abantu bethuthe befudukele kwezinye izindawo beyokwakha khona. Abantu ke bathuthela izizathu ezahlukene: kukhona abathutha ngoba bengeseneme ngendawo abahlala kuyona, kube khona abahamba ngoba bephoqwa isimo njengezimpi emakhaya, kanye nalaba abasuke befuna ukuba seduze nezihlobo zabo. Singabala zibe ningana impela izizathu ezithuthisa abantu. Kuleli khasi azibalulekile izizathu ezithuthisa abantu ngoba ziningi kakhulu, kepha okubalulekile ukuthi umuzi uyabikwa kwenziwe nesiko lokulandwa kwabadala enxiweni elidala la abasala khona. Lana sibhunga ngokuthi isiko lithini uma kulandwa abadala, siphinde sibheke nendlela okwenziwa ngayo uma kulandwa abadala. Thina bantu bomdabu kuyaziwa ukuthi amakhambi nemvelo izinto esisebenza ngazo kakhulu, ngisho kulandwa abadala ke nezihlahla ziyasetshenziswa, nakho lokhu sizokuchaza ukuthi kwenziwa kanjani.

Ukukhomba isiza

Ake siqale lana, uma umuntu ezothutha nje engajahe ndawo futhi enesikhathi uyahamba abheke indawo akazokwakha kuyona. Uma eseyitholile kwenziwa isiko lokukhomba isiza, lokhu kusho ukuthi ubaba wokuloyo muzi ucela umfowabo omdala uma engasekho uyise ukuthi ahlabe isoyi phansi la okuzokwakhiwa khona evulele umfowabo inxiwa. Uma sekwakhiwe ke kulesiza esisha umama wokuloyo muzi ugaya utshwala umqombothi kubizwe induna nezinsizwa zendawo zizobika loyomuzi emphakathini ukuthi lona umuzi wakwabani osuka kuphi nendawo njengoba ezokwakha lana. Kanti ke kukhona nemali ekhokhelwa yona induna ngoba emhlabeni wamakhosi kuyakhokhwa kepha akusiyona imali emba eqolo.

Ukubika umuzi

Uma kulandwa abadala, kuqala enxiweni elidala okuyilapho abalandwa khona. Kuzokhumbuleka ukuthi ngisho kuthuthwa kepha indlu yabadala ayidilizwa, isala ime ngisho yodwa noma sezidiliziwe ezinye izindlu. Leyondlu isuke ibekelwe khona ukuthi uma sekuzolandwa abadala kushiselwe kuyona impepho. Uma kulandwa abadala kuba inkosana yasekhaya uma ubaba engasekho ekhaya emisa loyomsebenzi wabadala. Inkosana iphatha isicephu, phakathi kusona kuba khona isihlahla somphafa obuye ubizwe ngomlahlankosi, amakhandlela amathathu, impepho kanye nensonto. Kube sekungenwa kulendlu enabadala khona kuzoshiswa impepho kuyona. Abesimame bangena bahlale esandleni sobunene bese kuthi abesilisa bona bahlale kwesokudla okungumthetho wokuhlala endlini yabadala.

Inkosana ke ibe isishisa impepho emsamo ibika ukuthi sekufike isikhathi sokuthi bazolandwa beyise enxiweni elisha osekwakhiwe kulona. Kepha ngaphambili kwalokho uqala ngokukhanyisa lamakhandlela amathathu: kukhona elokugeza abadala, kube elokuxolisa ukuthi kumele ngabe kade balandwa bese kuba khona nelokubahlanganisa bangahlukani uma sebehanjiswa.

Uma sekuqedwe ukushiswa impepho kuhlatshwa imbuzi okuyiyona abalandwa ngayo, kukhishwe nenyongo yayo imbuzi leyo ngoba ibalulekile. Imbuzi leyo iyaphekwa idlelwe khona lapho. Emva kwalokho inkosana iphuma nayo uMlahlankosi ihambe iwuhudula phansi itshela abadala ukuthi izobalanda khona egcekeni ihambe izungeza umuzi wonke isho ukuthi bengasali njengoba sekuhanjwa nje kuyiwa enxiweni elisha osekwakhiwe kulona umuzi omusha. Emva kwalokho kuyaphunywa ke kulo inxiwa elidala amabombo abheke kwelisha, ngaleso sikhathi inkosana esuke iphethe isicephu esinensonto nesicephu kanye noMlahlankosi isuke ingakhulumisi muntu ize iyofika ekhaya. Lokhu kwenzelwa ukuthi abadala bangasali endleleni njengoba kusuke kuhanjwa.

Imbuzi yesibili

Uma kulandwa abadala zibambili izimbuzi, eyokuqala ilena ehlatshwa enxiweni elidala bese kuthi eyesibili yona ihlatshwa la abasuke beyiswa khona. Uma sekufikwa enxiweni elisha inkosana ima ngaphandle kwesango isho ukuthi sebefikile ekhaya. Isuke isaphethe sona njalo isicephu iye endlini yabadala esuke seyakhiwe kuzofakwa kuyona abadala. Uma isingene khona iya emsamo, iphinde ikhanyise amakhandlela bese iyakhuluma isho ukuthi indlu yawo amadlozi lena ebafaka khona. Nakuyona lendlu kushiswa impepho ngaphambi nje kokuthi kukhulunywe nabo abadala. Impepho iyona esetshenziswa ukuxhumanisa abangasekho nabaphilayo emsamo, kujwayeleke ukuthi kube impepho emhlophe ngoba kunenkolelo yokuthi ihlunga okubi ikubeke iceleni emsamo. Enye into esuke ikhona emsamo utshwala umqombothi, kanye nezitshalo zesintu ezisuke zibekwe khona emsamo ukuthi abadala bedle. Emva kwalokho kulethwa imbuzi ezohlatshwa khona emsamo, bese lo okhuluma emsamo ebike ukuthi lembuzi iyona abamukelwa ngayo abadala kulelikhaya elisha, iwukudla kwabo abazokudla.

Izicubu zembuzi

Uma sekuqede ukukhulunywa emsamo imbuzi iyakhishwa iyiswe esibayeni iyohlatshwa, njengoba isuke ihlatshwa nje kukhona izicubu ezisuke zidingeka kuyona ezizoshiswa embengeni emsamo. Kunendlela ke yokuhlinza imbuzi siyobuye siyichaze kwenye ingosi, kepha izicubungu ezisuke zidingeka kuba incekwa yona ibekwa emsamo ilengiswe. Kube umhlehlwe omncane nje okusikwa kuwona ucwezwana lubekwe eceleni bese kuthi lona omkhulu wona uhlonywa phezulu ezintingweni endlini. Inyongo nayo isuke idingeka kakhulu ikhishelwa eceleni nayo, kuchelwe ngayo bese iyafuthwa ilengiswe nayo endlini yabadala. Kunezithwana ezincane ezisikwayo ezisikwa imbuzi isadikiza ngalenkathi iqedwa kuhlinzwa, lana sibala isibindi, ithumbu elincane, inyama yomlenze, intamo kanye nawo umhlwehlwe.

Lezicubu zishiswa emsamo odengezini kanye nempepho uma sekuqede ukuhlinzwa imbuzi, okuyindlela amadlozi adla ngayo inyama yembuzi lena esuke ihlatshiwe. Kusuke sekuwukuphela kanjalo ke komcimbi wokulethwa kwabantu abadala amadlozi. Imbuzi lena iphekwa ngelanga elilandelayo ekuseni emva kokuhlahlelwa bese kuphakelwa omakhelwane abasuke befikile ekhaya. Uma sebeqede ukudla bayatshelwa ke ukuthi lembuzi bekungeyokulanda abadala enxiweni elidala, okusho ukuthi imbuzi abangeniswe ngayo ekhaya ewukudla kwabo.

3 thoughts on “Ukulethwa kwaMadlozi/ukulandwa kwabadala”

  1. Molweni ekhaya labadala, ngiyabonga kakhulu ngolwazi ongiluthole Lana futhi kungikhumbuza okuningi okwakusenziwa phambilini. Ngiyabonga kakhulu Kuba ngivuselelekile kumanje, sengiyayibona indlela iyakhanya emva kokufunda lolu lwazi luhle kanje. Ngicela uxolisa ngesiZulu esingesihle kahle, ndithetha isiXhosa ngokweMveli kodwa ngoba isiNguni sihle kakhulu siyazama.

    Silahlekile kakhulu iSintu sethu ngithemba nokuthi ngelinye ilanga umntu uyokhe alule iinyawo aze ngalapho azozibonela.

    Ngiyabonga
    Makhaya

    Reply

Leave a Reply