*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe.
Ngokwesintu uthando noma ukuthandana kwababili akugcini nje ngokujolela ngaphansi kwezihlahla kanye nasemalawini kepha kuba nesiphetho sakhona okumele kube naso okungumgcagco uma kuwukuthi laba abathandanayo banalezo zifiso ngoba phela kuyinto ejwayelekile esikhathini samanje ukuthi abantu bazidlalele ngomjolo bengena nhloso yokuthi uthando lwabo luye phambili. Kuleli khasi ke sidingida izihlokwana ezimbalwa ezithinta ukuganiselana, ukuhlawula kanye nokulobolela ongasekho. Kahlekahle sibhunga ngokuganiselwa noma ukugana kongasekho emhlabeni ukuthi ngokwesintu kwenziwa kanjani, noma ke kuhlukana ngokwenza kwemindeni nezigodi ngoba phela imizi nemizi inemithetho yakhona okwenziwa ngayo izinto zesintu ngokosiko lwalowomuzi. Kule ngosi-ke sibheka indaba yokugcagca kongasekho ikakhulukazi umakoti obese ezoshada selikhishiwe usuku lomgido abezogida ngalo.
Umgcagco awuhlehliswa
isiZulu sithi “aluhlehli udwendwe umakoti engabalekile.” Lokhu kusho khona ukuthi udwendwe aluhlehli nhlobo phandle-ke uma kukhona isimo ngampela esiphoqayo esingavimba lolo dwendwe. Udwendwe aluhlehli ngisho kugula umuntu okungaba umakoti noma umkhwenyana, luyaqhubeka phandle uma kuwukuthi lo ogulayo ubangwa nezibi akusekho okunye okungenziwa.
Lapho kushona umakoti ngaphambi komgcagco
Uma umakoti eshona lungakafiki usuku lomgcagco, imindeni yomibili eganiselanayo iyaxoxisana ibonisane ngokuzokwenziwa mayelana nokuhlelela umgcwabo kanye nokuqhubeka kwawo umshado. Kusuke kuzogcagciswa ngalo lelo langa ebeseliphumile lomshado kuphinde futhi kufihlwe ngalo.
Okwenzeka ngelanga ebelimiselwe umgcagco
Ngelanga obekuzoba ngelo mgcagco, izinsizwa zesigodi zivuka ngovivi ekuseni zimbe umgodi wokufihla umakoti lowo obezogcagca ongasekho. Ngesikhathi esifanayo kumbiwa umgodi ngapha, umshado usuke ungena ekhaya ngendlela ejwayelekile okwenziwa ngayo lapho kungena udwendwe. Umehluko kodwa kuba wukuthi akubangwa umsindo ngoba phela uma kungena udwendwe kuyakikizwa kujatshulwe kepha kulolu suku ngoba udwendwe lusuke luhambisana nesifo kungekho njabulo, akukikizwa ngoba kusuke kwenziwa lokho okwenziwayo ukugcina isiko nje. Umakoti ubanjelwa wudadewabo omncane ongaganile, ambambele esigcawini, enze lokho obekuzokwenziwa wuyena umakoti ukube ubesaphila. Lokho izinto ezifana nokushaya iphoyisa esigcawini kanye nokwenza isivumelwano sothando. Kodwa ngaphambi kokuba kufikwe ekugidweni esigcawini, iphoyisa lenkosi eliba semshadweni lithunywe inkosi, libuza abakhongi banhlangothi zombili ngendaba yamalobolo ukuthi bavumelana kanjani ngendaba yenkokhelo nanokuthi kukhona yini okwasalayo ngale nkathi kulotsholelwana phakathi kwale mindeni yomibili. Uma sekudlulwe lapho kube sekwabiwa umshado uphethwe khona ekuseni ngoba phela kusuke kusazolandela indaba yokufihlwa komuntu.
Umkhwenyana ukhuluma nomakoti wakhe ongasekho
Kuyasukwa egcawini kuyiwe lapho kuzofihlwa khona, kuhanjwa namakholwa. Ngaleyo nkathi vele izinsizwa zisuke seziwuqedile umgodi wethuna nendlu yakhe lo ozofihlwa seyakhiwe khona emgodini ngoba phela iyakhiwa indlu yomuntu. Abomndeni-ke ngaphambi kokuba baphume nebhokisi lakhe, kuyaye kukhulume umkhwenyana wakhe lo makoti ongasekho ephethe isihlahla somphafa esibuye sibizwe ngomlahlankosi. Uyamtshela-ke ambize ngegama lakhe athi “Nozipho sithandwa sami, sesiyokubeka endlini yakho yokugcina manje, asihambe.” Ngemuva kwalokho bese ephuma phandle bese abomndeni bemlandele nebhokisi. Maphakathi negceke laba abaphethe ibhokisi bahlaba ngedolo phansi balibeke phansi ibhokisi kodwa-ke phezulu kwecansi, nakhona lapho futhi umkhwenyana aphinde amtshele umakoti wakhe ukuthi cha useyobekwa endlini yakhe yokugcina. Ngemuva kwalokho libe selithathwa futhi ibhokisi kuhanjwe kuze kuyofikwa lapho umakoti akazofihlelwa. Nakhona lapho futhi uphinde atshelwe umakoti ukuthi usefike endlini yakhe yokugcina lapho azobekwa khona, acelwe futhi ukuba abe yidlozi elihle nasekhaya abheke nomuzi wakhe lo awushiyayo.
Umngcwabo
Abefundisi babe sebecula izingoma zokholo kufundwe nezwi lenkosi. Uma sekuqediwe umfundisi usika amacansi emaceleni efakwe endlini la akazofakwa kuyo umakoti. Umakoti oshonile usuke egoqwe ngengubo. Uma esesikiwe amacansi izinsizwa zakulowo muzi zilekelelwa ngezendawo zimbambe ngenguma umakoti zimfake endlini yakhe. Kodwa kuhle sikuveze ukuthi ngale nkathi zimkhipha ebhokisini afakwe kulo, kwenziwa ulayini omude ngamacansi obheke phezulu kufihlelwe abasimame ukuthi bambone ngale nkathi esekhishwa ebhokisini efakwa ethuneni. Uma esefakiwe endlini yakhe eyakhiwe khona ngaphakathi ethuneni, ube esembeswa ngezinye futhi izingubo, bese kufakwa izingodo khona emgodini eziba ngaphezu kwakhe. Izingodo lezo zenziwa ulayini, bese zimbozwa ngamacansi adatshuliwe ngaphezulu. Ngalesi sikhathi abanye bebeka amacansi phezu kwezingodo, abanye bona basuke bebulala ibhokisi leli akade efakwe kulo ngoba phela ngokwesiZulu umuntu akangcwatshwa ngebhokisi noma-ke kodwa kweminye imizi bekwenza lokho. Izingcucu zebhokisi zindlalwa phezu kwamacansi khona endlini yakhe umakoti yokugcina. Umndeni nezingane zakhe umakoti babe sebefaka inhlabathi yokumvalelisa. Uma sebeqede lapho, umfundisi ube esevala ngomkhuleko bese kukhala ifosholo sekugqitshwa lona ithuna lelo. Uma seliqediwe inhlabathi yakhona isekelwa ngamatshe eceleni ukuze ingahambi uma kuna imvula. Uma sekuqedwe ukufihla laba abakade befihla baya kogeza izandla ngomswani osuke ufakwe embizeni ukuze bengangeni nethunzi lethuna ekhaya, Izimbiza ke ziyahlukaniswa, kuba khona eyabesimame kanye neyamadoda namabhungu. Ngemuva kokugeza izandla abantu babe sebengena ekhaya banikwe okuya ngasethunjini ukubabonga ukuthi bebezofihla futhi besiza nalowo mndeni osemanzini.
- Nalu olunye ulwazi ngomshado nomuntu ongasekho emhlabeni.