Ukucimela

Mining imigudu elandelwa uma kuzokwenziwa imisebenzi yesintu kanti ke konke kunemicikilisho yakhona. Lapha ke sithi ake sibhunge ngendaba yokucimela, sizophinde sicacise kancane phakathi komehluko phakathi kokucimela kanye nokuwoyiza. Noma kuhlukene kodwa ke okufana ngomemulo kanye nokuwoyiza ukuthi kokubuli kwenzelwa owesimame osuke ezokwenzelwa isiko thizeni lesintu, okuba ukuthi umemulo noma umgcagco.

Uma intombi izogana kwaZulu kunesiko elenziwayo elibizwa ngokuthi ukucimela. Isiko lokucimela  ilapho khona intombazane isuke ivalelisa abasekhaya kanye nezihlobo zayo zegazi ngaphambi kokuba iyogcagca. Ngaphambi kokubala ikhishwe ekhaya ngokusemthethweni iyoganiswa intombi lena, iqala ngakho ukucimela ngaphambi kokuba ziwushaye ikhishwe uyise ngesandla ekhaya eseyoyi ganisa. Ngaphambi kokuba iyogana intombi lena esuke isilotsholiwe, iyaye iyihambe yonke imizi yezihlobo zayo, okubalwa kuyo komalume bayo kanye nase mndenini yesibongo sayo ukuze iyovalelisa kahle kwabaphilayo kanye nabangasekho.

Ukubikela abadala

Kungumgomo ukuthi uma kuzoba khona umcimbi noma umsebenzi wesiZulu ohambisana nesiko lakulowo muzi kushiswe impepho kukhulunywe nabadala bakulowo muzi abawuphethe okuyizalukazi kanye namakhehla aqaphe lowo muzi. Lokho kutshengisa ukubahlonipha kanye nokubanika indawo yabo njengezinhloko zomuzi ngoba phela amadlozi iwona ayinsika nomgogodla womuzi. Uma kwelulwa ke kusuke kunxuswa bona abadala ukuba bahambe naye lontwana osuke eseyogana, baphinde bamhlenge futhi. Le ntombi ecimelayo ifike ihlatshelwe imbuzi la ecimela khona, ifakwe inyongo yayo ekhanda. Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngokwesintu untwana akakhuliswa abazali bakhe begazi kuphela. Kodwa nezihlobo nomndeni badlala indima enkulu ekukhuliseni umntwana, ingakho ke ngisho esekhishwa ekhaya eganiswa kungasiwona umsebenzi wabazali kuphela lowo kepha kuhlanganisa wonke umndeni womntwana.

Ukubaluleka kwenyongo

Le ntombi ehlatshelwe imbuzi icimela, ifakwa isiphandla sembuzi le ehlatshelwe yona, kulandele ngokuthi igcotshwe ngenyongo ekhanda noma ifakwe. Lokhu kwenzelwa ukuthi abadala bamkhothe, phela kuzokhumbuleka ukuthi inyongo nempepho ikona okusetshenziswa ukuxhumana nabadala. Kahle kahle nje izinkukhu nezimbuzi ezihlatshwa uma kunomsebenzi kusuke kwenzelwa ukuthi kuphume inyongo yazo khona izosetshenziswa. Kuyo yonke le mizi uyahlatshiswa alale, avuke, abuyele ekhaya, aphinde ahambe njalonjalo. Izinyongo ziyafuthwa ahambe nazo kanye nenyama eyisipho abuyela nayo kwabo. Izinyongo uyozichoma esicholweni mhla esina. Lezi zinyongo zemindeni azifake esicholweni ziwuphawu lokuhlanganyela kwayo le mindeni futhi kunika isiqinisekiso sokuthi abaphansi, bacelwa ukuba bahambe naye lomntwana.

Umgudu wokucimela

Izinto ezimayelana namasiko kuhamba isikhathi zigcine sezishintsha, emandulo bekwaziwa ukuthi intombi ayikhishwa ingacimelanga, kepha manje sekuyenzeka ngoba sesiphila nangakho ukufaka isilungu ezintweni zesintu sakithi. Uma ke intombi icimela kuyaziwa ukuthi iqala lapha okuzalwa khona unina wayo, ngisho komalume phela. Lokhu kwenziwa kuyaziwa ngoba phela imvelaphi yayo ikoninalume. Kuyimpoqo ukuthi uma icimela iqale kubona omalume bayo ngoba ngokujwayelekile, idlozi elisebenza kakhulu kuba ilona elako malume, bese kulandela elesibongo somuntu ngqo! Kuyaye kuthi uma esedlule ekucimeleni komalume, amabombo awabhekise emndenini wakubo kayise. Akugcini komalume ukuthi ahlatshiswe imbuzi njengoba esuke ecimela nje, kepha ngisho nase zihlotsheni zakhe bayamhlabela izimbuzi kanti ke abasuthayo nenkomo bayayihlaba.

Ukucimela komuntu oyogana

Sike sakuveza ngenhla ukuthi inyongo iyikho konke uma kuhlatshelwa amadlozi. Inyongo yezilwane ezihlatshelwe intombazane iyona etshengisa ukuthi cha ngampela ifike yabikwa emsamo lapho ekade icimela khona. Inyongo nenyama iyoba uphawu amukeleka ngalo emzini yawoyise. Uma ke intombazane icimela ezihlotsheni, abanganawo amandla okuhlaba isilwane bayabe bakhiphe izipho bazinike intombi. Izipho lezi kuba amacansi okuhlala esizulu alukwe ngencema noma ikhwani, kube izicephu nazo ezilukile, izinkamba zotshwala noma nezimbiza zokubeka ukudla, ubuhlalu kokunye kanye nokunye okuningi kuya ngokuthi yini umuntu anayo angacimela ngayo. Esimanjeni ke abanye bakhipha izinto ezisetshenziswa ekhishini (exhibeni), okubalwa amapuleti amasha, isitofu njalonjalo, lokhu kusuke kufana nokuthi bathi akahambe kahle la akayoganela khona. Uma intombazane iyogana isuke iyomela umndeni wakubo kulo mndeni omusha. Uma yenze kahle buba buhle ubuhlobo kodwa uma yenze kabi bubabubi nobuhlobo ebesebuqalekile. Njengoba umntwana ehamba ecimela, engena imizi ngemizi akasahambi yedwa usehamba nempelesi yakhe. Uhamba nayo ngoba yiyo ezokhuluma, yena akasakhulumi. Kwesatshwa umoya nokwedlula. Impelesi iyonake esizomsiza kulokhu kukhuluma kokuvalelisa.

Ukuwoyiza

Sibhunge kakhulu ngokocimela kanye nokuthi kuhlangene kanjani nokugcagca. Lana ake sithi qaphuqaphu ngokuwoyiza. Ukuwoyiza kucishe kufane nakho ukucimela ngoba nalapha intombi isuke iya ezihlotsheni zayo iyobeka ngezokwenzelwa uyise wayo okungumemulo wayo. Umemulo  intombi isuke ibongwa uyise ngokuthi iziphathe kahle yazigcina ubuntombi bayo yaze yagcina isifike esigabeni esithile sempilo noma eminyakeni ethile. Uma ke intombi izokwemula, ihamba iyowoyiza ihamba nezintombi zesigodi eziyiphahlile. Ngokuphahla sisho izintombi zesigodi esuke igcobe nazo ibomvu, ngoba phela uma intombazane izokwemula igcona ibomvu bese iba nezimpelesi zayo. Ngalenkathi ke ziwoyiza zihamba zicula zingena ezihlotsheni zakubo kwayo intombi lena eziyiphahlile zihamba nayo. Uma zifike esangweni lomuzi ezicimela kuwo, zifike zicule zithi “We nomoyi, sizocimela” zisho negama lentombi ezizoyicimelela. Yona isuke ingasakhulumi lutho ngoba ayivunyelwe ukuthi ikhulume.

Unomoyi

Onomoyi abangeni ngaphakathi egcekeni la abasuke beye khona, ngoba ngisho benzelwa ukudla benzelwa khona ngaphandle. Uma sebeqedile ukucimela babuya nazo izipho abazitholile sebebuyela ekhaya kubo kwentombazane eyemulayo. Unomoyi bahlonishwa ngisho uhlanya endleleni, kuyaziwa ukuthi bayahlonishwa futhi abashelwa nhlobo. Ngisho ngabe insizwa inesesheli sayo konomoyi kodwa nje uma sisuke sesifakwe ibomvu angabe sisathintwa nhlobo, leyonsizwa iyoze ikhulume naso ngelanga lomemulo isiyosihloma imali ekhanda. Sesivala nje, kulelikhasi besihlukanisa futhi siphinde senabe ngomehluko phakathi kokucimela kanye nonomoyi ngoba phela abantu abaningi babuye bakuphambanise kanti noma kufana ukwenziwa kwakho kodwa kwenzelwa imicimbi engafani yesintu. Ukucimela kwenziwa uma kuzokhishwa intombi ekhaya eyogana, kanti ke okonomoyi khona kwenziwa uma kuzo kwemuliswa intombi yemuliswa abazali ngokuthi iziphathe kahle yangabaphoxa yagcina ubuntombi bayo.

3 thoughts on “Ukucimela”

Leave a Reply