Isintu sinendlela yaso yokwenza izinto,, ikakhulukazi uma kwakhiwa ubuhlobo phakathi kwemizi emibili kuganiselwana. Ukuganiselana lokhu kusho ukuthi imizi yommbili isuke isiyakhe ubuhlobo. Ziningi izinto okudlulwa kuzona ngaphambi kokuba kufikwe ekutheni sekuphuma udwendwe noma luyangena ekhaya. Kuqala ekutheni intombi iyoqoma, imise iduku, noma ke kungasiwona umgomo loyo ukuthi kumiswe iduku ngoba abanye abantu bakhetha ukucela. Kanti ke nabanye abangazisebenzisi izintu zesintu bona bekhetha ukweqa ezinye izigaba beye kulena yokuhambisa izibizo kanye nokulobola.
Kuleli khasi sibhunga ngendaba yokubonwa kwezinkomo zokulobola. Ngaphambi kokuba kuhanjiswe izinkomo zokulobola, abakubo kwengoduso leyo ezolotsholwa bathumela abantu abamele umndeni ukuba bayobona lezo nkomo lezo. Lokhu kwenziwa emva kokuba sekuvunyelwene vele ngenani lezinkomo omkhwenyana akazolobola ngazo, kanye nokuthi zizohamba ngaluphi usuku. Lensizwa elobolayo ithumela abakhongi bayo ukuthi batshele abasekhweni layo ukuthi iluphi usuku okumele beze ngalo. Ukuzobona izinkomo lezo akusho ukuthi izona zonke ezizohanjiswa ekhweni (11) ngoba phela kuyaba nesivumelwano sokuthi zingaki izinkomo ezizohamba nomkhwenyana akangakwazi ukuzihambisa ngaleso sikhathi.
Ukubona izinkomo isiko elenziwayo lokuthi abakubo bentombi ezolotsholwa beze bezobona lezonkomo. Bayafika abakubo kwentombi leyo bevakashele la ezoganela khona. Awukho umkhuba otheni owenziwayo ngaphandle kokuthi kunqunywa usuku abazoza ngalo. Kuthi ke uma sebefikile kudingidwe lolodaba abeze ngalo, benzelwe ukudla batshengiswe lezonkomo. Kwabanye ke abantu awenziwa lomcimbi ngoba basuke mhlambe umuntu ezolobola ngemali kuphela. Uma elobola ngemali kuxoxwa ngalo ilanga lamalobola ukuthi inkomo ngayinye izoba malini bese kuba ukuthi lona olobolayo ukhokha leyo mali. Ziningi izinto ezenziwayo uma kuzoganiselwana, yingakho kungamangazi ukuthi kukhona abantu okunye abakweqayo bakushaye indiva. Isibonelo nje kukhona esikhathini samanje alisamiswa iduku, okusho ukuthi kukhona abavele beye kulesigaba sokucela bese belandela ngokunye.