Amaphupho ngemali

Imali Uma uphupha ukuthi unemali, kuwuphawu olubi futhi kuphathisa kabi uma uyisebenzisa noma uyilahla, kodwa kuyinhlanhla futhi kusho ukuthuthuka uma uyinikezwa noma uyithola. Uma uphupha ukuthi ulanda imali oyilweletisile kumuntu, kusho ukuthi kuzoba nokudlulela phambili entweni ozama ukuyenza. Uma umuntu ekunikeza imali kodwa omunye ekuphuca yona emva kwalkho, kusho ukuthi kunomuntu uzama ukukuthakatha noma ukuntshontsha … Read more

Amaphupho ngeminwe nezandla

Uma uphupha ukuthi izandla zakho zingcolile, kusho ukuthi ubhekene nokulingeka ukwenza into embi. Uma zingagcolile nje kuphela kodwa zinamfuka futhi, kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezimali ubempofu ngenxa yalento olingekayo ukuyenza. Uma isandla sakho noma iminwe yakho ilimele, uzolahlekelwa umsebenzi maduzane futhi uma umuntu enqume umunwe wakho noma isandla sakho, kusho ukuthi maduzane uzolahlekelwa yinto oyisebenzele kanzima. … Read more

Mayelana Namaphupho osikweni lwesiZulu

Ukuchaza amaphupho kuyingxenye esemqoka osikweni lwamaZulu. Umbuso wemimoya uyingxenye yansukuzonke empilweni yemiphakathi eminingi yama-Afrika, futhi kumaZulu ngamaphupho awumongo alombuso. Izincazelo nemifanekiso okwakha izwe lamaphupho lamaZulu kuguquguquke ngokwehlukana kwimifanekiso yaseNtshonalanga, futhi kwenza uhlelo lwezincazelo olunothile noluvusa imizwa. Read more …  

Amaphupho Ombango

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine bengasazwani. Kanti manje sekuyabangwa ngisho namabhizinisi, izikhundla njalonjalo.

Read moreAmaphupho Ombango