Umlando ngabantu ababehamba amabanga amade ukufuna umsebenzi

Ngixoxisane noMnumzane Zithulele Shange mayelana nezinto zokuhamba ababezisebenzisa ezikhathini zakudala. Uthi ukhumbula ukuthi uqale ukuhlakanipha ugogo wakhe egibela iloli lakwaMoya kodwa futhi babekujwayele ukuhamba ngezinyawo amabanga amade uma beya ezitolo noma bevakashela izihlobo zabo, nezinkomo babezilusela kude ngoba babelandela utshani olubuhlaza ukuze izinkomo zisuthe. Uma beya ezitolo bebethenga endaweni yaseNkambathawini (Camperdown). Kwaze kwabakhona iloli elalibathatha ngasemakhaya libayise … Read more

Khuzimpi ‘Mdaka’ Shezi

Mhla zingu 9 March 2011 sibenengxoxo noMnumzane Elphas Mdingiswa Shezi owazalwa ngomhlaka 1 July 1966 ongumfowabo wokugcina ezinganeni zikaMaMgwaba Shezi ozala uKhuzimpi. UKhuzimpi Raphael Shezi wazalelwa endaweni yaseMzinto esigodini saseMthethacala kwaMbiyane. Igama ayaziwa noma ebizwa ngalo izinsizwa uMdaka. Wazalwa mhlaka 9 kuNtulikazi ngonyaka ka1958. Uyise kwakunguLanga Shezi unina kunguAgnes Lali Mgwaba, babusiswa ngezingane eziyi 13. Kungabafana … Read more

Umlando Wesibongo sakwaMabhida

UMabhida wayezalwa kwaMkhize. Kwakunensizwa yakwaMkhize egama linguDlebe. Yayakhe umuzi wayo eNgomankulu. Kodwa wenza okungajwayelekile okwayiholela ekutheni igcine isithole isibongo esisha. UMadlebe waganwa intombi yakwaMkhize naye enguMkhize, lokho kwamenza wangabamuhle ozalweni nasemphakathini. Lokhu kwenza ukuthi bamkhuze bethi, “Ayikhona Mkhize usubhide ekhaya.” Waqala kanjalo ukuba uMabhida. UMadlebe wazala umfana wamqamba igama wathi uStimela, okuwuyena uMabhida wesibili. Kuthiwa … Read more