Izimpahla zokusebenza (izinsiza zemisebenzi ehlukahlukene)
Engosini eyedlule silobe ngezitsha noma izimpahla zokuphatha ukudla ezisetshenziswa KwaZulu (Izimpahla zokudla nokudlela: Ingxenye yokuqala nengxenye yesibili). Kuleli khasi sibeka uhlu lwezinsiza ezazisetshenziswa kudala kanye nalezo ezisasetshenziswa namuhla ukwenza imisebenzi eminingi eyahlukahlukene. Ithala yisikhwanyana esilengiswayo esiphicwe ngotshani noma ngenxoza. Sinomlomo olingene nje, sona ke silengiswa phezulu emsamo ukuze izingane zingafikeli kusona. Ubambo yisiphandlwana esikhandwa ngethambo … Read more