isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Ukufaka Isiphandla

Ukuzalwa kwengane ekhaya yinto enkulu, eyisibusiso futhi yinto ebungazwayo. Ingakho ke uma kukhona ilunga elisha lomndeni kubikwa emsamo kwabadala ukuthi sekukhona ingane ekhaya ezelwe. Ngisho umakoti ezobeletha kuyaye kubikwe ekhaya kukhulunywe nabadala ukuthi abelethe kahle aphile umntwana. Emandulo nakhona bekubikwa endlini yabadala uma umlobokazi esebeletha. Phambilini bekubelethwa ekhaya zingakabi bikho izibhedlela nemitholampilo. Bekuthi uma umlobokazi … Read more

Isiphandla

Amasiko esintu ayashintsha ngokuhamba kweminyaka nangokushintsha kwezizukulwane. Ngisho amasiko ayisisekelo njengesiko lokulobola aseshintshile njengoba kuqala kwakuphiwana izipho, kwalandela ukulobola ngezinkomo abanumnzane besafuyile benemfuyo, kanti manje sekulotsholwa ngemali esikhundleni sezinkomo. Phakathi kwamasiko aseshintshile ngokuhamba kwesikhathi, singabalula nesiko lesiphandla noma ukugqokwa kwaso. Uma ngikhuluma ngesiko lesiphandla angisho lapha okusuke kufakwa khona umuntu isiphandla ekhaya ebikwa kwabadala njengomntwana … Read more