Ukufaka Isiphandla
Ukuzalwa kwengane ekhaya yinto enkulu, eyisibusiso futhi yinto ebungazwayo. Ingakho ke uma kukhona ilunga elisha lomndeni kubikwa emsamo kwabadala ukuthi sekukhona ingane ekhaya ezelwe. Ngisho umakoti ezobeletha kuyaye kubikwe ekhaya kukhulunywe nabadala ukuthi abelethe kahle aphile umntwana. Emandulo nakhona bekubikwa endlini yabadala uma umlobokazi esebeletha. Phambilini bekubelethwa ekhaya zingakabi bikho izibhedlela nemitholampilo. Bekuthi uma umlobokazi … Read more