Amaphupho ngenyanga

Uma uphupha ubona inyanga kusho ukuthi uzophumelela ngesikhathi ungalindele Đ ikakhulukazi kwezothando. Uma inyanga iba mnyama kodwa uyohlupheka futhi ube mpofu. Inyanga egcwele isho ukuthi uyoshada masinya uma usemncane futhi ube nabantwana abahle uma umdadlana. Kuyishwa elibi ukubona izinyanga ezingaphezu kweyodwa esibhakabhakeni.

Amaphupho ngokugibela

Uma uphupha ukuthi kunento oyigibelayo, kusho ukuthi uzophumelela kangakanani empilweni. Uma ufika phezulu, uzofinyelela izinhloso zakho empilweni, othandweni nasemsebenzini. Uma ungafiki, noma uwa phansi, kusho ukuthi uzodumala. Uma usugibelile wafika phezulu emaphusheni akho futhi usuyehla, kusho ukuthi kuzoba noshintsho oluhle empilweni yakho maduzane.