Sesha

Amaphupho ngokuhola imali

Uma uphupha ukuthi uhola imali eningi kusho inkathazo ikakhulukazi uma ungusomabhizinisi. Kungenzeka kube khona okulahlekelwayo maduzane. ▪️Amaphupho ngesikweletu. iAfrika

Amaphupho ngemali

Uma uphupha ukuthi unemali, lokho kuwuphawu olubi futhi kuphathisa kabi uma uyisebenzisa noma uyilahla, kodwa kuyinhlanhla futhi kusho ukuthuthuka uma uyinikezwa noma uyithola. Ukuphupha uphiwa imali, futhi kuvela ephusheni lakho lapho uyamukela, lokho kusho inhlanhla ezayo. Uma uphupha uphiwa imali bese kuba khona omunye umuntu oyithathayo kuwe, lokho kusho ukuthi kunabantu abazama ukukuthakatha kumbe abafuna … Read more

Mayelana Namaphupho osikweni lwase-Afrika nolwesiZulu

Ukuchaza amaphupho kuyingxenye esemqoka osikweni lwe-Afrika. Umbuso wemimoya uyingxenye yansukuzonke empilweni yemiphakathi eminingi yama-Afrika, futhi amaphupho awumongo kulombuso. Izincazelo nemifanekiso okwakha izwe lamaphupho kuguquguquka ngokwehlukana kwimifanekiso yaseNtshonalanga, futhi kwenza uhlelo lwezincazelo olunothile noluvusa imizwa. Osikweni lwe-Afrika, amaphupho axhumanisa abaphilayo nokhokho (namadlozi), kanjalo nabo okhokho (amadlozi) baxhumana kanjalo nabaphilayo. Kwesinye isikhathi amaphupho anikeza impendulo ezintweni umuntu … Read more

Amaphupho Ebhadi

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo. Lezincazelo ezingezansi sizinikwe nguMama uNelisiwe Sibiya, ohlala endaweni yase Nanda eCongo. Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. … Read more

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.