Umcimbi Wokubongwa Kwentombi Ngabasemzini

Umcimbi wombongo ngokuqonywa kwensizwaZiningi izinto ezenziwayo uma abantu ababili sebeqomene ngaphambi kokuthi baganane njengokumiswa kweduku okungenzeka kubo kantombazane noma kubo kamfana. Lapha sibheka umcimbi wombongo noma wokubongwa kwentombi ngokuthi isiqomile emzini othile. Lomcimbi wenziwa uma selimisiwe iduku eliwubufakazi bokuthi abantu baqomene futhi ukumiswa kweduku kwenzelwa ukuthi abantu asebeqomene baphumele obala kwaziwe nasendaweni ngabo. Izindawo azifani … Read more

Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza … Read more

Ukwakheka Kwesigodi, Ukuqanjwa Komuzi Wesibongo Esisodwa

Isigodi indawo eyakhelwa ngabantu besibongo esisodwa isikhathi esiningi. Bese beba nomholi wabo okuvamise ukuthi kube ngumuntu omdala kubona ogcina eseyinkosi yabo. Labantu iningi labo liyazalana ngenxa yesibongo esifanayo kodwa futhi kuyenzeka kubekhona nabafika bezocela indawo yokuhlala endaweni bengebona abozalo lwakulowomuzi. Ezindaweni zasemakhaya abantu bayasikelwa indawo yokuhlala ngumholi womphakathi noma ingane uma isikhulile isisezingeni lokuqala umuzi … Read more