Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza … Read more

Umlando wokuhlukana kwesizwe sakwaCele

Ntombifikile NgwaziIsibongo sakaCele singesinye sezibongo ezandile KwaZulu Natali, kunezincazelo ezahlukene ngemvelaphi yabantu bakhona. Sixoxisane noMama uNtombifikile Ngwazi owazalelwa endaweni yaseMzimkhulu esizweni sakwaCele wakhulela khona waze wangena esigabeni sokuthi agane waba nezi ngane eziyishumi nantathu manje sebezinze eThekwini. Basuka ngonyaka ka 1980 endaweni yaseMzimkhulu ngenxa yokuthi kwakuliwa njalo esizweni sakwaCele. Manje sebehlala endaweni yaseMtshebheni eNanda. Uthi … Read more

Ukwakheka Kwesigodi, Ukuqanjwa Komuzi Wesibongo Esisodwa

Isigodi indawo eyakhelwa ngabantu besibongo esisodwa isikhathi esiningi. Bese beba nomholi wabo okuvamise ukuthi kube ngumuntu omdala kubona ogcina eseyinkosi yabo. Labantu iningi labo liyazalana ngenxa yesibongo esifanayo kodwa futhi kuyenzeka kubekhona nabafika bezocela indawo yokuhlala endaweni bengebona abozalo lwakulowomuzi. Ezindaweni zasemakhaya abantu bayasikelwa indawo yokuhlala ngumholi womphakathi noma ingane uma isikhulile isisezingeni lokuqala umuzi … Read more