Amaphupho ngemali

Imali Uma uphupha ukuthi unemali, kuwuphawu olubi futhi kuphathisa kabi uma uyisebenzisa noma uyilahla, kodwa kuyinhlanhla futhi kusho ukuthuthuka uma uyinikezwa noma uyithola. Uma uphupha ukuthi ulanda imali oyilweletisile kumuntu, kusho ukuthi kuzoba nokudlulela phambili entweni ozama ukuyenza. Uma umuntu ekunikeza imali kodwa omunye ekuphuca yona emva kwalkho, kusho ukuthi kunomuntu uzama ukukuthakatha noma ukuntshontsha … Read more

Amaphupho ngezinwele

Uma uphupha ukuthi ubuka izinwele zakho, uzothola uthando maduzane, kodwa lowo muntu kungenzeka ukuthi uthanda omunye umuntu. Uma uphupha ukuthi ukama izinwele zakho, kusho ukuthi uzolahlekelwa yinto ebalulekile, futhi ukushintsha umbala wezinwele zakho kusho ukuthi kunenkatahzo ezayo. Uma izinwele zakho sezikhule kakhulu zizinde, kusho ukuthi usungumqambimanga futhi uma sezibomvu, kufanele uqaphele izitha empilweni yakho. Uma … Read more

Amaphupho okuphonswa noma okusongelwa

Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

Read moreAmaphupho okuphonswa noma okusongelwa

Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobongozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela kona uba nezinhlanhla futhi ayafika njalo kuwena akuvikele uma ubhekene nezingqinamba. Uma usukwenzile lokho okudingekayo namaphupho owaphupha ngalesosikhathi akhombisa ukunqoba kwakho.

Read moreAmaphupho Okunqoba